Kumnandi ukuba sekhaya ngesikhathi sikaKhisimusi  

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Isikhathi samaholidi sivame ukwaziwa njengesikhathi sokuthatha ikhefu emsebenzini, uphumule uphinde uzijabulise.

Emndenini wami amasonto amabili okugcina onyaka asho ukuhamba ngisuka ekhaya likamama wami e-Hammanskraal, e-Tshwane ngiye kwagogo ozala umama endaweni ebizwa ngokuthi ise-Terbrugge e-Moletjie, e-Limpopo.

Lokhu bekuyisiko lomndeni kusukela ngizalwa futhi liyohlezi linjalo.

Kuwusiko ikakhulukazi kumalungu amaningi omndeni wami ahlala kude asebenza ngaphandle kwesifundazwe futhi angavamile ukuthola ithuba lokuba sesigodini sethu.

Lesi isona sikhathi kuphela onyakeni lapho sonke sikwazi khona ukuthatha ikhefu ukuze sihlangane ngaphansi kophahla olulodwa.

Ukuvakasha okukhethekile kuhambelana nokuba nomcimbi waminyaka yonke wokubonga nokugubha impumelelo yonyaka nokuthandazela unyaka omusha.

Ngamaholide kuhlatshwa izinkukhu, noma izimbuzi, nezimvu njengengxenye yosiko lakudala.

Ezinganeni ezincane usuku lukaKhisimusi lusho ukugqoka izingubo ezintsha ceke kanye nokuba nethuba lokubukisa ngazo emigwaqeni zijoyinwe ontanga bazo.

Ngalolu suku abesifazane bashaya idili likamkhipheni bezama izindlela ezintsha zokupheka ezihlukahlukene. 

Sonke siyakujabulela ukuhlala ngaphansi kwezihlahla ze-marula ukuze sibalekele ukushisa kwase-Limpopo.

Isikhathi esengisijahile kakhulu esokuhlala nogogo wami oneminyaka engu-84  angixoxele ngezindaba zendawo nepolitiki yakamuva yasedolobhaneni lethu.

Yize esebuye akhohlwe okunye ngenxa yeminyaka yakhe, kodwa usathatha isikhathi ukuthi asibhalele ngamunye  izithakazelo.

Lokhu kuqinisekisa ukuthi uma edlula emhlabeni, sizosala silazi imuva lethu siphinde sidlulisele lokhu ezinganeni zethu.

Eminyakeni edlule emndenini bengaziwa ngokulahla iphepha lezithakazelo, kodwa ekuqaleni kwalo nyaka phakathi nomhlangano womndeni, nginqume ukuzithumelela ikhophi nge-email ukuze ngihlezi nginayo.

Isithombe esingenhla: Ngesikagogo wami uRose Mokgolo

Izihloko zakamuva