Lubhalwe nguSihle Mavuso
USotswebhu kumasipala e-Newcastle KwaZulu-Natal uxabene nomshayeli wakhe ngezinsolo zokusetshenziswa budedengu kwemoto yakhe yomsebenzi.
Ikhansela uMnuz Mzwakhe Mbatha we-ActionSA usola umshayeli wakhe osemnkantshubomvu, uMnuz Sizwe Mokoena, ngokumbeca kobubende inyama engayidlanga mayelana nokusetshenziswa kwemoto ngokungemthetho.
Le mpi yamazwi ilandela ukumiswa kukaMokoena ngomhlaka-30 kuNhlaba ngumasipala ngezinsolo zokuthi le moto yasetshenziswa budedengu ngezindlela ezahlukene, okuhlanganisa nokuthutha abesifazane abadakiwe.
Nokho uMokoena akuzange kumphathe kahle ukumiswa kwakhe, wabe esedlulisela phambili incwadi ayibhalele uDkt Dumisani Thabethe oyibamba lemenenja kamasipala emcela ukuthi akuhoxise.
“Ngosuku olwandulela ukumiswa kwami, uMnuz Mbatha wayefuna ukuthatha imoto ayokwenza imisebenzi yakhe yesintu,” kubhala uMokoena. “Ngaba nemibuzo mayelana nesenzo sokushiya idolobha ngaphandle kokwaziswa kukamasipala kusenesikhathi.
“Kubalulekile ukuqaphela ukuthi nguyena ongiyalelayo ukuthi ngigibeze abantu besifazane, futhi njengendoda engashadile, ngikuthola kunzima ukwenqaba nokumlawula umuntu akhetha ukuzihlanganisa naye,” kusho uMokoena.
Ngesikhathi ebuzwa ngalolu daba, uMokoena ugcizelele ku-Scrolla.Africa ukuthi akenzanga lutho olubi.
“UMbatha nguyena ongiphoqa ukuthi ngimthathe ngihambe naye siyolanda abesifazane abehlukene, kwesinye isikhathi uthengela ngisho amantombazane asemancane utshwala ngaphakathi eqenjini.
“Uyabazonda abanye abaholi abangaphakathi eqenjini lethu… uma engibona ngisebenza nabo, ungisabisa ngokuthi uzongiphuca umsebenzi ngoba manje ngisebenza nezinyoka njengoba ebabiza kanjalo,” kusho uMokoena.
UMbatha uyaziphika lezi zinsolo kanti uthi uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal waqala waba nemibuzo ngodaba lokusetshenziswa budedengu kwemoto.
“Ngenxa yokuthi ngingumholi oqotho, angikwazanga ukuthula nje ngivumele isimo ebesingahambisani nokuziphatha ngendlela ukuba siqhubeke, lapho uSizwe enza khona izinto ezingalungile.
“Ngifuna ukukutshela ukuthi ngelanga uSizwe enza ngalo ingozi eyadlula nomphefumulo wowesilisa wayehamba nentombazane emotweni.
“Futhi ngikholwa wukuthi wayehamba ngesivinini esiphezulu, uma ubheka ukuthi imoto ilimele kanjani. Futhi akazange akudalule lokho emaphoyiseni nakumasipala futhi ngangingekho mina lapho.
“Umbuzo uthi wayenzani ngemoto yomkhandlu ngalelo langa? Njengoba amaqiniso esephuma njengoba enjalo usefuna ukukhala kakhulu,” kusho uMbatha eziphendulela.
Kumanje uMokoena uhleli ekhaya ulinde usuku azoqondiswa ngalo izigwegwe.
Esithombeni ngenhla: USotswebhu wase-Newcastle uxabene nomshayeli wakhe.
Umthombo: Sihle Mavuso