Lubhalwe nguRazeen Gutta
Umisiwe umjaho we-Imola ngenxa yezikhukhula ezinamandla e-Italy, nezixwayiso zesimo sezulu esibi ngemuva kokushona kwabantu abahlanu kanti abanye abantu abaningi basusiwe endaweni yase-Emilia Romagna.
Abadlali be-Formula 1 bayalelwe ukuthi baphume endaweni yemidlalo yezimoto ngoLwesibili. Ngakusasa batshelwe ukuthi badlalele kude ne-Autodromo Enzo e Dino Ferrari njengoba imvula enamandla isaqhubeka.
Isinqumo sokuhoxiswa komjaho siqinisekiswe esitatimendeni esisemthethweni se-Formula 1 ngoLwesithathu.
“Ngemuva kwezingxoxo phakathi kwe-Fomula 1, uMengameli we-FIA, iziphathimandla ezinekhono kubandakanya noNgqongqoshe abafanelekile, uMengameli weqembu lezimoto e-Italy, uMengameli wesifunda sase-Emilia Romagna, Imeya yedolobha kanye nomgqugquzeli ibona abathathe isinqumo. Angeke sikwazi ukuqhubeka nomjaho we-Grand Prix e-Imola,” sifundeka isitatimende.
“Isinqumo sithathwe ngoba sifuna ukuvikela abalandeli bethu, amaqembu kanye nabasebenzi bethu futhi kuyinto elungile uma kubhekwa isimo samadolobha akulesi sifunda.”
“Ngeke kulunge ukufaka ingcindezi kuziphathimandla zendawo kanye nabezimo eziphuthumayo ngalesi sikhathi esinzima.”
UMengameli we-Formula 1, uStefano Domenicali osebenze iminyaka eminingi endaweni yase-Ferrari Maranello base esifundeni sase-Emilia Romagna, uthe kube yisinqumo esifanele lesi.
“Kubuhlungu kakhulu ukubona okwenzeke e-Imola nase-Emilia Romagna, idolobha nesifunda engakhulela kuso futhi imicabango yami nemikhuleko ibhekene nezisulu ezikhahlanyezwe izikhukhula kanye nemindeni nemiphakathi ethintekile,” esho kwi-Sky Sports.
Lo mjaho bekumele ube ngowesithupha kule sizini, njengoba kubonakala kuzoba nzima ukuhlehliswa kabusha ngenxa yokuntuleka kwezinsuku zekhalenda.
Isithombe esingenhla: I-paddock e-Imola
Umthombo wesithombe: @jeppe_olesen