Kumiswe umdlalo kuphinda kuzamazama umhlaba eTurkey

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Abalandeli be-Besiktas bajikijele izinkulungwane zamathoyizi enkundleni phakathi nomdlalo benikelela izingane ezithintekile ngesikhathi kuzamazama umhlaba ezweni labo. 

Lesi senzo besiphuma ekujuleni kwezinhliziyo zabalandeli ngeSonto ngesikhathi bemi nalabo abathintekile ngesikhathi kuzamazama umhlaba enkundleni yezemidlalo i-Vodafone e-Istanbul ngesikhathi i-Besiktas- ibhekene ne-Antalyaspor.

Umdlalo umiswe okwesikhashana cishe imizuzu emine nemizuzwana engu-17 okuyisikhathi okwaqala ngaso ukuzamazama komhlaba e-Turkey mhla ziyisithupha kuNhlolanja.

Ngesikhathi kumiswe umdlalo abalandeli banikezwe ithuba lokuphonsa izipho zabo enkundleni yokudlala.

Abasebenzi bezokusesha bebekhona emagcekeni ngesikhathi abadlali be-Besiktas bezifudumeza begqoke amajezi akhombisa amagama amadolobha athintekile.

“Abalandeli bethu bahlele umcimbi ophusile obizwa ngokuthi ‘’This toy is my friend’ ngesikhathi somdlalo ukuze bajabulise izingane ezikhahlanyezwe ukuzamazama komhlaba,” kusho isitatimende se-Besiktas.

“Abalandeli bajikijele izikhafu, amabharethi namathoyizi kanokusho phansi enkundleni ebizwa nge-Vodafone Park bejabulisa izingane endaweni okuzamazame kuyo umhlaba.”

Bangaphezu kuka-13 million abantu abathintwe ukuzamazama komhlaba kanti inani labashonile lidlule ku-50,000 e-Turkey nase-Syria.

Esithombeni esingenhla: Abalandeli be-Besiktas bajikijele izinkulungwane zamathoyizi enkundleni ukuze banikele ezinganeni ezikhahlanyezwe ukuzamazama komhlaba

Umthombo wesithombe: @mylordbebo

Izihloko zakamuva