Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Ukuqhuma okudabukisayo kwezintambo zikagesi okwenzeke e-Coega Industrial Development Zone ngoNdasa kuholele ekumisweni kwezikhulu eziyisikhombisa ezisezikhundleni eziphezulu ophikweni lwezamandla nogesi eNelson Mandela Bay.
Lokhu kuqhuma kushiye izingxenye zedolobha zisebumnyameni futhi kuye kwabangela ukuntuleka kwamanzi okubhebhethekisa inkinga yesomiso. Izindleko zomonakalo zilinganiselwa ku-R40 million.
Ngokusho kweziphathimandla zedolobha kusolwa isandla semfene njengoba kutholakale ubufakazi bokuthi kungenwe ngenkani kulesi siteshi esincane. Lokhu kuholele ekutheni uNoxolo Nqwazi ongumphathi wedolobha engapholisi maseko ngokuxosha lezi zikhulu zoMnyango wezaMandla nogesi.
Kodwa akugcini lapho. IMeya yaseNelson Mandela Bay uRetief Odendaal usememezele ukuthi lokhu kungahle kube isiqalo ekuvundululeni amanethiwekhi amakhulu enkohlakalo emlandweni kamasipala.
“Sikholwa ukuthi sisondele kakhulu ekutheni sidalule olunye lwezinhlelo zenkohlakalo emlandweni wabaphathi okungenzeka ukuthi bantshontshe izimali ezishisiwe esikhwameni sedolobha eminyakeni edlule,” kusho u-Odendaal ngokukhulu ukuzethemba.
Imiphumela yophenyo lokuqala inikezwe uphiko oluphenya amacala akhethekile kanye noKlebe ukuze kuphenywe ngalobu bugebengu.
Njengoba idolobha libhekene nemiphumela yalokhu kuqhuma umphakathi usale ushaqekile futhi uthukuthele. Izingxenye eziningi zase-Gqeberha okuhlanganisa nelokishi elikhulukazi lase-Motherwell zisale zingenawo ugesi nokuyinto edale ukuphazamiseka okusabalele empilweni yansuku zonke kanye nokusebenza kwamabhizinisi endaweni yezimboni.
Njengoba isimo sithe ukudamba kancane kusasele imibuzo yokuthi isigameko esibi kangaka senzeke kanjani nokuthi ubani ongungqondongqondo. Umthelela wokuqhuma nokulimala okuhlanganisa izindleko ezikhubaza idolobha angeke kuchazwe ngokwanele.
Esithombeni esingenhla: IMeya yaseNelson Mandela Bay uRetief Odendaal kanye nomphathi wezaMandla nogesi uLance Grootboom
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe