Lubhalwe nguSihle Mavuso
Usemanzini abilayo umphathi esikhungweni sokuhlola abashayeli e-Richmond, KwaZulu-Natal e-Midlands ngemuva kokuthi “kuntshontshwe imali yalesi sikhungo” ngaphambi kokuthi iyiswe ebhange.
Ngokwemithombo engaphakathi kumasipala ongaphansi kwe-ANC, lesi sikhulu sithathe imali sagoduka nayo ngoMgqibelo ngesikhathi siphuma emsebenzini. Ubehlose ukuyifaka ebhange ngoMsombuluko kuleli sonto.
Imali iqoqwa emakhasimendeni asebenzisa lesi sikhungo ukuvuselela amalayisensi ezimoto futhi abhekane nezinye izindaba zomgwaqo ezifana nenhlawulo.
Nokho, sekuphele izinyanga imali ingaqoqiwe ngemuva kokuthi umqondisi wesikhungo ehluleka ukusayina amaphepha adingekayo ukuze inkampani iqoqe imali bese ifakwa ebhange.
UMnyango wezokuThutha esifundazweni kuthiwa uke wabuza ukuthi kungani lesi sikhungo simise ukufakwa kwemali kuma-akhawunti aso. Isikhungo sinesibopho sokukhokhela umnyango le mali ngemuva kokuyilanda emphakathini.
“Ngenxa yobudedengu bomqondisi, umphathi uyilande imali ngoMgqibelo ngesikhathi bevala wathi uyoyibhanga eMgungundlovu ngoMsombuluko lapho kunegatsha elikhulu lase-FNB.
“Uyithathe le mali waya nayo ekhaya, ngokuhamba kwesikhathi wathi intshontshiwe imali elinganiselwa ku-R550 000. Obekuxaka kulokho wukuthi akazange abike ngodaba emaphoyiseni,” kusho umthombo ongaphakathi kumasipala utshela i-Scrolla.Africa.
Umasipala kudingeke ukuthi uthole ezinye izindlela zokukhokhela umnyango izimali ebezisele ukuze ugcine ilayisensi yokuqhuba lesi sikhungo.
Imenenja kamasipala uBheki Mswane uthe umphathi usemisiwe emsebenzini.
“Umsebenzi okukhulunywa ngaye umisiwe njengoba kuqhubeka uphenyo,” kusho uMswane.
Ukuqinisekisile nokuthi sebewukhokhelile umnyango.
Esithombeni esingenhla: Isikhungo sokuhlola abashayeli base-Richmond.
Umthombo: Facebook