Kumiswe isikhulu esiphezulu sebhola lombhoxo

Dylan Bettencourt

Isikhulu esiphezulu seNdebe Yomhlaba Yebhola Lombhoxo yango-2023 uClaude Atcher, umiswe uNgqongqoshe wezeMidlalo wase-France u-Amelie Oudea-Castera ngoMsombuluko.

Uphenyo luthole ukuthi indlela yakhe yokuphatha ikhombisa ubufakazi “bokungalawuleki” enhlanganweni.

“U-Atcher ngeke esaba khona noma asebenze, ngokuqondile noma ngokungaqondile, ngaphakathi, egameni  le-GIP (ikomidi elihlelayo) ngesikhathi sokudilizwa,” kusho uMnyango esitatimendeni.

Isinqumo sokuthi u-Atcher avunyelwe ukuthi abuyele ekomitini sizonqunywa ngokuhamba kwesikhathi.

Ukumiswa kwakhe kuza kusasele unyaka ngaphambi kokuthi kuqale iNdebe yoMhlaba yebhola loMbhoxo e-Paris.

Uphenyo ngo-Atcher lwaqalwa ngemuva kokutholwa kophenyo lwe-Labour Inspectorate ngoNhlangulana, kulandela iphepha elashicilelwa kwi-L’Equipe, esola isikhulu esiphezulu “ngokuphatha ngobushokobezi”.

Umbiko wekomiti lezimiso zokuziphatha usole indoda (66) “ngezenzo zokuphatha ezishaqisayo, ezishintsha ukusebenza kohlaka kanye nokuhlupheka kwenqwaba yezisebenzi.”

I-World Rugby ikhiphe isitatimende iqinisekisa “ukukhathazeka kwayo okujulile” mayelana nalezi zinsolo.

“Inhlalakahle yomndeni webhola lombhoxo ibalulekile futhi iwumgogodla wemigomo yobumbano, ukuhlanganiswa kanye nokuhlanganisa iNdebe yoMhlaba,” kusho isitatimende.

Bengeze ngokuthi bazimisele ukusebenzisana nekomiti elihlela iNdebe yoMhlaba ezoba e-France ngokubambisana.

Iphini lika-Atcher uJulien Collete ukhushulelwe esikhundleni sakhe.

INdebe Yomhlaba yeBhola loMbhoxo yango-2023 izoqala mhla ziyisishiyagalombili kuMandulo ngo-2023 lapho osokhaya i-France bazobhekana khona ne-New Zealand.

Umthombo wesithombe: @FranceRugby

Izihloko zakamuva