Kumiswe iPhini likamengameli ngomsanka wenkohlakalo

Everson Luhanga

UMengameli uLazarus Chakwera wase-Malawi ukhulule iPhini lakhe uSaulos Chilima emsebenzini wakhe ngoLwesibili kulandela izinsolo zokuthi uChilima uyathinteka ehlazweni elikhulu lenkohlakalo.

UChilima kanye nezinye izikhulu zikahulumeni ezingaphezu kuka-50 babizwe kucwaningo lwenkohlakalo oluhlobene nosomabhizinisi uZuneth Sattar. Ophinde wabizwa ophenyweni isikhulu sabasebenzi bakaChakwera uPrince Kapondamgaga kanye nomphathi wamaphoyisa uGeorge Kainja.

USattar ongowase-Malawi kodwa ozinze e-UK usolwa ngokugwazela izikhulu zikahulumeni ukuze athole izinkontileka zikahulumeni.

UChakwera umemezele isinqumo sakhe ngoLwesibili ngemuva kokuthola umbiko ovela kwa-Anti-Corruption Bureau (ACB) mayelana nophenyo ngoSattar.

Embikweni okhishwe i-ACB izikhulu zikahulumeni ezikhona njengamanje nezike zaba khona ezingu-53 zithole imali kuSattar phakathi kukaNdasa noMfumfu nyakenye kusho uMengameli.

Amaphoyisa namasosha kubikwa ukuthi banikeze izinkampani ezinhlanu zikaSattar izinkontileka ezingu-16 eziphethe imali engu-150 million phakathi konyaka ka-2017 nanyakenye. 

UChakwera uthe ngaphandle kukaChilima alikho elinye ilungu lekhabhinethi lakhe okuke kwakhulunywa ngalo ohlwini.

“Kukhona nabantu abangu-31 abavela ezinkampanini ezizimele, abezindaba kanye nezinhlangano zomphakathi okuthiwa bathole imali,” kusho uChakwera esitatimendeni.

“Amaphoyisa abandakanyeka kulokhu kukhona aphuma eHhovisi likaMengameli neKhabhinethi i-Malawi Police Service, iHhovisi lePhini likaMengameli, i-State House, i-Reserve Bank of Malawi, i-ACB, i-Malawi Broadcasting Station kanye nezinkonzo ezahlukene.

“Ngaphezu kwalokho i-Bureau yathola ukuthi abanye abantu abangu-31 abavela ezinkampanini ezizimele, abezindaba, izinhlangano zomphakathi kanye nabezomthetho nabo bathole imali kuMnu uSattar,” okwenza kubalwe abantu abangu-84 abasolwa ngokubandakanyeka kulolu daba. 

UChakwera uthe: “Ngakho-ke okungcono engingakwenza okwamanje ukumisa emisebenzi iPhini likamengameli ngesikhathi ngisalinde umkhandlu ukuthi uqinisekise izinsolo ezibhekiswe kulo,” kusho uMengameli. 

Izihloko zakamuva