Kumiswe imithi yomkhuhlane okusolwa ukuthi inobuthi

Dylan Bettencourt

Inhlangano yezempilo emhlabeni jikelele i-World Health Organisation (WHO) isikhiphe isexwayiso mayelana nezinhlobo zomuthi womkhuhlane ngemuva kokushona kwezingane ezingu-66 e-Gambia.

Le mithi yomkhuhlane iyamataniswa  nezinsolo zokushona kwabantu abangu-66 okubalwa nezingane,” kusho i-WHO.

I-Promethazine Oral Solution, i-Kofexmalin Baby Cough Syrup, i-Makoff Baby Cough Syrup kanye ne-Magrip N Cold Syrup iyona imithi ehlonzwe inhlangano elawula ezempilo emhlabeni.

“Le mikhiqizo itholakale e-Gambia, kodwa kungenzeka ukuthi isatshalaliswe ezimakethe ezingekho emthethweni kwamanye amazwe noma izifunda,” kuxwayisa i-WHO kusizindalwazi sayo.

I-WHO yengeze ngokuthi le mikhiqizo ikhiqizwa inkampani yase-India i-Maiden Pharmaceuticals engazange ikhiphi isiqinisekiso ngokuphepha kwayo.

Lesi sexwayiso esivela kwi-WHO size ngemuva kokuthi ochwepheshe bezokwelapha ezweni elidumile lase-Afrika bethole ukwanda kokushona kwezingane ezineminyaka engaphansi kwemihlanu ngasekupheleni kukaNtulikazi, kubika i-BBC.

I-WHO ichaze ukuthi ngesikhathi ihlola amasampula emikhiqizo yalo muthi womkhuhlane bathole ukuthi iqukethe amanani angamukelekile e-diethylene glycol kanye ne-ethylene glycol.

“Izinto ezitholakala emikhiqizweni kanye nezimpawu zayo zingabangela ubuhlungu besisu, ukuhlanza, isifo sohudo, ukun ukungakwazi ukuchama, ikhanda elibuhlungu, ushintsho emqondweni nokulimala kabi kwezinso okungaholela ekuthini umuntu alahlekelwe impilo yakhe,” kusho isitatimende.

Uhulumeni wase-Gambia umise ukusetshenziswa kwayo yonke imithi ye-paracetamol futhi wanxusa izakhamuzi kanye nezivakashi ukuthi zisebenzise amaphilisi esikhundleni semithi.

Izikhulu zezempilo e-Gambia ziveze ukuthi inqwaba yezingane ishonile, kodwa azizange ziveze isibalo esiqondile.

Ngaphandle kokuthumela isixwayiso emhlabeni wonke, i-Central Drugs Standards Organisation yase-India ithe umkhiqizi ewunikeza i-Gambia u-contaminated.

Kodwa-ke i-WHO ithe ukusabalala kwalomuthi emhlabeni jikelele into engenzeka njengoba umkhiqizi kungenzeka ukuthi usebenzisa into efanayo ne-contaminated kweminye imikhiqizo futhi mhlawumbe isithunyelwe kwamanye amazwe.

Umthombo wesithombe: @Prevention

Izihloko zakamuva