Kumiswe abafundi abaqhuba imfashini esikoleni 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Lizifake enkingeni iqulu labafana besikole samabanga aphezulu iMgezwa, eLusikisiki ngesikhathi liphendula umfaniswano wesikole imfashini. 

La bafundi bebecabanga ukuthi lesi sikole ikwampunzedlemini ngesikhathi benciphisa amabhulukwe esikole ukuze ababambe aphinde aveze amaqakala njengamabhulukwe esimanjemanje. 

Laba bafana bathe indlela abanciphise ngayo amabhulukwe bebesiza isikole ukuthi sihambisane nendlela okugqokwa ngayo manje, kodwa ngeshwa uThishomkhulu akakubonanga kanjalo. 

UThishomkhulu uMzwandile Thutha uthathe isinqumo sokumisa laba bafundi ngenxa yemigilingwane yabo yemfashini!

Omunye wabafundi abamisiwe uthe banciphise amabhulukwe  ukuze kunyuke ukuzethemba nokuzithanda esikoleni futhi abazange bacabange ukuthi ukunciphisa amabhulukwe kungabafaka enkingeni.

Batshelwa ukuthi balethe abazali babo noma babuyele esikoleni sebegqoke amabhulukwe ngendlela efanele.

UThembalakhe Zintonga ushaqekile ngesinqumo sesikole wathi: “Angibonanga lutho olubi ezinganeni bezibukeka zihlanzekile zizinhle futhi kumele isikole sigxile ezintweni ezibucayi kakhulu kunokubheka izinto ezingabalulekile.”

Omunye umzali uvumele indodana yakhe ukuthi inciphise ibhulukwe ngoba ibihlekwa ezinye izingane.

“Ubuye esikoleni ecasukile ngemuva kokuba abanye abafundi bemhlekile bethi ugqoke ibhulukwe elikhulu, wacela ukulisika ngavuma.

“Isizathu anginike sona besanele ukuthi ngimvumele alisike, akuzange kungene engqondweni yami ukuthi ngizobizelwa esikoleni noma kuzomele ngimthengele ibhulukwe elisha.” Ngeshwa ayikho imali yokumthengela ibhulukwe elisha.

Kuzofanele aboleke imali ukuze amuthengele ngoba imfundo yendodana yakhe ibalulekile. Akafuni ukuthi isale ngemuva ezifundweni zayo ngenxa nje yemfashini.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape, uMalibongwe Mtima ukuchithile ukuthi abafundi bamiswe ngoba benciphise amabhulukwe esikole.

“Babuyiselwe emakhaya ukuthi bashintshe bagqoke amabhulukwe ahambisana nomfaniswano wesikole. 

“Uma umzali engenayo imali yokuthengela ingane ibhulukwe, kumele eze nengane esikoleni azochazela uThishomkhulu nesigungu esilawula isikole ukuze kugwemeke isimo sabafundi abagqoka izingubo ezinemibala eyahlukene esikoleni.”

Esithombeni esingenhla: Iqulu labafana besikole okuthiwa bamisiwe esikoleni ngenxa yokunquma nokunciphisa amabhulukwe omfaniswano wesikole.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva