
Moyahabo Mabeba
Isikole samabanga aphezulu i-Makgofe esisendaweni yase-Moletjie, empumalanga ye-Polokwane e-Limpopo, sesiphenduke indawo yezehlakalo ezingajwayelekile muva nje.
Abafundi cishe abangaphezu kwabangu-40 bake baqulekile emagcekeni esikole, okwaziwa bebequlekiswa yini.
Isimo sibe nzima okuholele ukuthi kumiswe ukufundwa ngoLwesine olwedlule, ngemuva kokuba abazali bevimbe izingane zabo ukuthi ziye esikoleni.
Emhlanganweni womphakathi obungeSonto, abazali nesigungu esilawula isikole bavumelene ngokulanda abefundisi bendawo ukuze bezokhuleka ngoMsombuluko, ngethemba lokuthi kuzosiza isikole sibuyele esimeni.
Kwividiyo esabalale ezinkundleni zokuxhumana, abafundi babonakala bewa emagcekeni esikole bezigingqa phansi ngenxa yobuhlungu abakuzwayo.
Ngokusho kofakazi, abafundi bathi babone izinyoka ebezizama ukubahlasela.
UMaria Mabotja uthe unqume ukuvimba izingane zakhe ezimbili ezifunda ibanga lesishiyagalombili nebanga likamatikuletsheni ukuthi zingayi esikoleni.
“Sithuke kakhulu ngesikhathi sibizwa esikoleni ngoLwesine. Bekuthusa ukubona izingane zigingqika phansi zikhala futhi zikhuluma izinto esingayiqondi,” kusho uMaria.
“Ngosuku olulandelayo nganquma ukuthi ngeke ngizivumele izingane zami ukuthi ziye esikoleni. Bazohlala ekhaya isimo size sibuyele kwesijwayelekile.”
Lesi simo sesifake umphakathi kwisiphithiphithi njengoba ezinye izakhamuzi zikholelwa ukuthi kunomoya omubi kulesi sikole.
UWayne Kubjane, ongumholi womphakathi omelene nobugebengu, uthe lesi sigameko sishiye izakhamuzi zisesimweni sokwesaba nokukhathazeka.
“Okwenzekile kusabisa kakhulu ngoba asazi ukuthi yini edale ukuziphatha okunje kubafundi,” kusho uWayne.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni, uMnu uTidimalo Chuene, ukuqinisekisile ukuthi kumisiwe ukufunda.
“Kubikwe ukuthi abafundi abangu-40 bamabanga ahlukene baqale ukuziphatha ngendlela engajwayelekile. Sikhathazeke kakhulu futhi seluleka abantu ukuthi bagweme ukuqagela imbangela yalokhu okwenzekile. Ithimba lethu lezengqondo nezenhlalo lizohlola lolu daba.”