Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
INyuvesi yaseMlazi eningizimu yeTheku iMangosuthu University of Technology (MUT), isimise izinhlelo zayo zokufunda kanye nokhetho oluzayo lokukhetha ubuholi benhlangano yabafundi.
Lesi sinqumo sithathwe njengesikhumbuzo somsunguli wale Nyuvesi uMntwana uMangosuthu Buthelezi.
Ibamba lePhini likaShansela uSolwazi Marcus Ramogale umemezele lesi sinqumo. Uthe inyuvesi ikwenze lokhu ukuze ivumele abafundi, abasebenzi, ababefunda kudala, nabathintekayo ukuthi babambe iqhaza enkonzweni yesikhumbuzo neyomngcwabo kaButhelezi. Uthe amakilasi azoqala ngomhlaka-26 kuMandulo.
“Inkonzo yesikhumbuzo ekhethekile yokuhlonipha umsunguli wethu izoba ngoLwesine ehholo laseSeme,” usho kanje.
Ihholo iSeme liqanjwe ngoPixely kaIsaka Seme, umalume kaButhelezi.
Abanye abahloniphe uButhelezi yiNyuvesi yaKwaZulu-Natal lapho uButhelezi enza khona iziqu zakhe ngemuva kokushiya eNyuvesi i-Fort Hare.
Emazwini ayo okubonga, i-UKZN igqamise amagalelo amangalisayo kaButhelezi kwezemfundo.
Okuphawuleka kakhulu isisekelo se-MUT esiveza umbono kaButhelezi wemfundo ekhethekile yezobuchwepheshe.
Le nyuvesi isungulwe ngaphansi kwesandla sikaButhelezi ngo-1974 esengungqongqoshe kahulumeni waKwaZulu, ukwakhiwa kwale nyuvesi kwaqala ngo-1977 kanti isikhungo savula iminyango yaso ngokusemthethweni ngo-1979 kodwa sashintshela emagcekeni akuso njengamanje ngo-1981.
Kwake kwaba nesiphakamiso sikaNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele ne-Sasco sokuthi kuqanjwe kabusha i-MUT ngenhloso yokuhlonipha ummeli wamalungelo abantu uMnuz Griffiths Mxenge.
Lesi siphakamiso asizange sinakwe ngabaningi futhi sachithwa yizikhulu okubalwa uDkt Naledi Pandor nowake waba ngushansela e-MUT, uLindiwe Sisulu.
Esithombeni esingenhla: Inyuvesi yaseMlazi iMangosuthu University of Technology, ewubufakazi bombono kaMntwana uMangosuthu Buthelezi kusukela ngo-1977.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
