Kuminze umphrofethi ethandaza emfuleni

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Umphrofethi obethandaza esizibeni ugugulwe amanzi anamandla waminza emfuleni i-Lepelle e-Atok, e-Limpopo ngeSonto ntambama kanti amathambo akhe atholakale ngemuva kwezinsuku ezimbili ezungezwe izingwenya.

Umphrofethi oneminyaka engu-48 ubudala, igama lakhe elingakadalulwa ngamaphoyisa ubephelezelwa abanye abaphrofethi ababili ngesikhathi bengena emfuleni i-Lepelle obudla izindwani. 

Lo mprofethi ube eseqala ukubhekana nobunzima emanzini, elwela ukuma kahle emanzini kodwa wanqotshwa umfula obugeleza ngamandla.

Ube esephelelwa amandla wakhukhuleka emfuleni ogcwele izingwenya.

Abaphrofethi ababili abebehamba naye babize amaphoyisa kanye nomphakathi oseduze ukuthi ulekelele ngemuva kokwehluleka ukumthola.

Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uColonel Malesela Ledwaba uthe amalungu ophiko lwe-SAPS Water Wing Unit kanye ne-Search and Rescue Unit nabe-Emergency Medical Services babikelwe ukuthi baqale umkhankaso wokuthungatha lo mprofethi. 

“Amathambo omphrofethi oshonile atholwe ngoLwesibili ntambama ezungezwe izingwenya. Kusolakala ukuthi uhlaselwe yizingwenya.” kusho uLedwaba.

UMajor General Jan Scheepers uchaze lesi sigameko njenge sidabukisayo nesingagwemeka ukube kuthathwe izinyathelo zokuphepha ezifanele.

“Imiphakathi kumele iqikelele kakhulu ngezikhathi zemvula. Akumele ibeke impilo yayo engcupheni ngokungena emifuleni, emadamini noma emihosheni ngaphandle kokubheka ubungozi obungase bubangelwe yizilwane zasendle,” usho kanje.

Esithombeni esingenhla: Umfula i-Lepelle. 

Umthombo wesithombe: Kruger National Park

Izihloko zakamuva