Kuminze obezama ukweba uphethiloli

Karabo Rammutla

Phezu kokuthi uhulumeni enqabele abashayeli bezimoto ngokuncishiswa kwenani likaphethiloli, uphethiloli nokunye kusabiza kakhulu, okuholela ekutheni kudunwe uphethiloli kanye namathangi awo.

Ngempelasonto isela likaphethiloli lisebenzise umfaniswano wonogada ukuze lingene emgodini wokukhiqiza uphethiloli.

Uzamile ukweba uphethiloli kodwa uye waminza emgodini okuhlala kuwo amapayipi kaphethiloli e-Bronkhorstspruit, ePitoli.

Okhulumela amaphoyisa ase-Boschkop uSayitsheni Yeroboam Mbatsane uthe onogada abaqashelwe ukugada ipayipi bathole owesilisa eseshonile.

UMbatsane uthe onogada bathole ucingo oluvela egumbini labo lokulawula ukuthi babheke isignali ebivuliwe endaweni yabo.

“Ngesikhathi onogada benza uphenyo bathole isidumbu sowesilisa sidindilizile edamini likaphethiloli sibheke phezulu, umsolwa egqoke izingubo ezifana nezabantu abasebenza epayipini,” esho.

UMbatsane uthe basola umshini kamsolwa womoya wokuphefumula  bekungowesikhashana futhi kungenzeka ukuthi ubunephutha.

“Kubizwe amaphoyisa atshuzayo ukuthi azohlenga umsolwa okuthiwa ushonele endaweni yesigameko,” kusho uMbatsane.

“Umsolwa ungowesilisa wase-Afrika ongaziwa okusolwa ukuthi uneminyaka ephakathi kwengu-35 nengu-40 ubudala.”

Uthe noma ngubani ozotholakala ephazamisa ingqalasizinda uzothathelwa izinyathelo ezinqala.

“Ipayipi elikhulu likaphethiloli lihlelwa ngaphansi kwezindawo ezibalulekile zikazwelonke, ngakho-ke izenzo zobugebengu ezinjalo ngeke zibekezelelwe,” usho kanje.

Uthe amaphoyisa nezinye izinhlaka zomthetho ziqaphe le ndawo ubusuku nemini.

“Amaphoyisa avule idokodo lophenyo ukuze kutholakale isimo ngokushona komsolwa,” esho.

“Abantu abanolwazi ngesigameko bayanxuswa ukuthi bathinte amaphoyisa aseduze noma babike  kwi-mySAPSapp.”

Izihloko zakamuva