Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
● Izelamani ezimbili ziminze emgodini ogcwele amanzi eduze kwedamu ngenxa yokuthi ibingekho indawo ephephile yokubhukuda.
● Le nhlekelele iveze indlela izingane zaselokishini ezintula ngayo izindawo ezifanele zokungcebeleka nokudlala.
Izingane ezimbili ezincane ziminze emgodini ogcwele amanzi e-Kariega ngoba zingenayo enye indawo yokubhukuda ngosuku olushisayo.
U-Iviwe Zakumba, (3), nodadewabo uBotwelethu, (7), bashone ngemuva kokuwela emgodini ojulile eduze kwedamu elokishini laKwaNobuhle.
Inhlekelele yenzeke ngoba zingekho izindawo zokubhukuda ezifanele izingane zaselokishini, kusho amalungu omphakathi abethukuthele eveva.
Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Janse van Rensburg uthe abantu bezwe izingane zikhala zicela usizo ngoMsombuluko kusihlwa.
“Ngo-6.30 ntambama, amalungu omphakathi ezwe kukhala izingane ezicindezelekile edamini,” kusho uvan Rensburg.
“Ngesikhathi befika umphakathi uthole umfana omncane, u-Iviwe Zakumba.”
Ubaba wabo waphuthumisa u-Iviwe esibhedlela i-Laetitia Bam, kodwa odokotela bahluleka ukumsindisa. Amaphoyisa angabatshuzi ngokuhamba kwesikhathi athole isidumbu sikadadewabo uBotwelethu emgodini.
Umgodi ushiywe ngosonkontileka abebesebenza kuleli damu. Lagcwala amanzi emvula, futhi kwaba lula ukuthi kungeneke ngoba abantu bacekela phansi isango.
Umndeni ososizini ucele ukunikezwa isikhathi nesikhala sokuzila ngasese.
Isishoshovu somphakathi uThamsanqa Nkevu usole uMasipala waseNelson Mandela Bay ngokufa kwezingane.
“Lokhu kusho lukhulu ngezinsiza, okuhlanganisa nezinkundla zemidlalo ezingekho ezikoleni.
Indawo yokubhukuda yakuleli lokishi okuwukuphela kwayo esikhungweni semisebenzi eminingi yacekelwa phansi eminyakeni edlule. Izinkundla zokudlala zendawo manje sezigcwele utshani obude.
Umasipala awuphendulanga ngesikhathi ucelwa ukuba uphawule.
Esithombeni esingenhla: Idamu laKwanobuhle lapho kuminze khona izelamani zakwaZakumba ngoMsombuluko ntambama.
Umthombo: Sithunyelwe