Kuminze amathwasa amabili abezama ukusindisa inkukhu yomhlatshelo

Celani Sikhakhane

Amathwasa amabili alahlekelwe izimpilo zawo ngenkathi egxumela emanzini ngemizamo yokusindisa inkukhu yomhlatshelo ebizohlatshwa njengengxenye yesiko lokuxosha amabhadi.

Izidumbu ezimbili zikaBongumusa Magubane noNkosinathi Zwane zitholwe osebeni lomfula u-Mlaas ngemuva kokuguguleka amakhilomitha amahlanu.

La mathwasa amabili aye eMophela River e-Hammarsdale, entshonalanga yeTheku, ngoMgqibelo eyogeza ikhasimende lesilisa empophomeni.

Ikhansela uMalulu Sikhakhane utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ngesikhathi amathwasa  elungiselela ukugeza lo wesilisa inkukhu ivele yagxumela emanzini.

Yilapho omunye wamathwasa ethathe khona isinqumo sokungena emanzini.

Ngenkathi bezama ukuhlenga inkukhu, ithwasa lokuqala liye lakhukhulwa ngamanzi empophoma. Ngemuva kwalokho ithwasa lesibili liye langena emanzini lizama ukusindisa uzakwabo kodwa bobabili bagugulwa amanzi empophoma,” kusho uSikhakhane. 

Abesilisa ababili, abaneminyaka engu-30 nengu-31, bangene empophomeni ngaphambi kokuba bakhukhulwe umfula.

Ikhansela uSikhakhane uthe ikhasimende lezangoma yilona elibabikele ukuthi amathwasa amuke nempophoma.

“Sibathole ngoMsombuluko ngemuva kokusebenza kanzima sibabheka,” kusho uSikhakhane.

“Bobabili bese beshonile. Ithwasa elilodwa litholakale linqunu linamanxeba amaningi ebangeni elingamakhilomitha amahlanu ukusuka lapho abaminze khona,” esho.

USikhakhane uthe izinyanga zijwayele ukusebenzisa impophoma yase-Mophela ukwenza amasiko azo nakuba iyingozi kakhulu. Uthe bafisa sengathi uMasipala weTheku ungayivala le ndawo ukuze kungangeneki kalula.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natali, uColonel Thembeka Mbhele, uthe amathwasa amabili ashonile, amuke nomfula kanti izidumbu zawo zitholakele zahanjiswa emakhazeni.

“Amaphoyisa asaphenya,” kusho uMbhele.

Izihloko zakamuva