Kuminze abaprofethi bebandla i-Nguwo Jerusalema

Kamogelo Muvhenzhe

Abaprofethi base-Zimbabwe abayisishiyagalombili baminze emfuleni okuthiwa iMazowe e-Rushinga ngesikhathi bezama ukukhipha induku abakholwa ukuthi ingcwele ngesikhathi benza isiko lokukhetha umprofethi omusha ozobabhabhadisa.

Kubikwe ukuthi abakhokheli bebandla  i-Nguwo Tsvuku Jerusalema baphose induku emanzini betshela abaprofethi abayishumi nanye abebekhona ukuthi ozoyithola uzoba ngumbhabhadisi omusha.

Ngokombiko we-Herald Zimbabwe, abaprofethi  baqale ukugxumela emanzini ajulile. Abayisishiyagalombili bamiinzile kwathi abathathu batakulwa.

Ilungu lebandla uGeorge Kamhekete uthe njengabaprofethi bachithe isonto lonke bese sontweni. UMgqibelo bekuwusuku lwabo lokugcina bendawonye futhi ngokwesiko bayabhabhadisana ngaphambi kokuba kwandulele iSonto.

Uphinde wathi izinkokheli zaleli bandla bezisemkhankasweni wokukhetha umbhabhadisi kubapurofethi abebebuthene.

“Siye emfuleni ekuseni ngehora le-10:00 ngeSonto safike sama ulayini ukuze sithandaze njengenjwayelo. Abaprofethi bama ngaphambili saqala ukucula.

“Khona abaprofethi abafikelwe umoya baphoseka emfuleni base beminza. Udaba lubikiwe emaphoyiseni izidumbu zayiswa emakhazeni ase-Chimhanda Clinic,” kusho uKamhekete.

Okhulumela amaphoyisa umsizi kakhomishana uPaul Nyathi uthe okwamanje angeke akwazi ukuphawula ngalolu daba.

Izihloko zakamuva