Kumenyezelwe izinguquko ezikhundleni eThekwini 

Lubhalwe nguLungani Zungu

Ipolitiki yobumbano iza nobungozi nemivuzo.

KuMasipala weTheku onesabelomali sika-R55 billion, iMeya ye-ANC inikeze izikhundla ezimbili ezinamandla kulabo eyakhe nabo umbimbi, ​​bobabili abanoxhaso oluncane lwamavoti edolobheni elisogwini.

Emasontweni amabili edlule uZandile Myeni we-NFP uqokwe njengePhini leMeya. Iqembu lakhe elincane elinesihlalo esisodwa likwazile ukuthola amavoti angu-0.3% kuphela okhethweni lohulumeni basekhaya lwango-2021. Kodwa ngoLwesithathu leli khansela elingaziwayo lethulwe njengoSihlalo wesikhundla esisha kweZokuphepha kanye nezimo eziphuthumayo ekomidini eliphezulu.

Omunye ohlomule ngesikhundla kumusa we-ANC nguThabani Miya we-EFF, osethathe izintambo njengoSihlalo wekomidi elinamandla lezokuHlaliswa kwaBantu kanye nengqalasizinda. I-EFF yathola u-10% kuphela wamavoti okhethweni lwango-2021.

Lezi zikhala ziqhamuke ngemuva kokuthi lowo obeyiPhini leMeya uPhilani Mavundla ekhonjwe indlela. Ukhishwe ngesiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe ngoZibandlela ngemuva kokungaboni ngasolinye neMeya ye-ANC uMnu Mxolisi Kaunda.

UMavundla onguMengameli we-Abantu Botho Congress usize i-ANC ukuthi igcine uMasipala omkhulu ngemuva kokuthi leli qembu lihlulekile okokuqala ngqa kusukela ngo-1994 ukuthola amavoti amaningi ngokhetho lohulumeni lwango-2021. Uke waba sekomidini le Meya esikhundleni esiphethwe uMiya we-EFF.

IPhini likaSihlalo we-ANC esifundeni saseThekwini, uMnu Thembo Ntuli uqokwe njengomphathi omusha wezepolitiki aphinde abe nguSihlalo weKomidi lezokuThuthukiswa koMnotho, ukuHlela nokuHweba.

Ikhansela le-ANC uMnu Snenhlanhla Sishange unguSotswebhu kulo Mkhandlu obekuyisikhundla ebesiphethwe nguNtuli kwaze kwaba uyasula ngoZibandlela.

UNobhala we-ANC esifundeni uMusa Nciki uthe izinguquko ezintsha kuhloswe ngazo ukusheshisa ukuhlinzekwa kwezidingo kubantu.

Uphinde wamemezela ukuthi i-ANC ikwamukele ukwesula kukaMnu Ntokozo Sibiya njengomphathi wezepolitiki noSihlalo weKomidi.

Ozongena esikhaleni sikaSibiya uzomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi njengoba uhlelo lokuvala isikhala sakhe lusaqhubeka.

Esithombeni esingenhla: Unobhala we-ANC esifundeni uMusa Nciki ememezela izinguquko kwi-exco yeTheku

Umthombo wesithombe: ANC esifundeni saseThekwini

Izihloko zakamuva