Kumenyezelwe elamaBhokobhoko elizodlala ngoMgqibelo

Lucky Maree

Ukube izinto zihambe ngendlela ehlukile ngesonto eledlule, abaqokwe uJacques Nienaber emidlalweni emibili edlule bebezoqhubeka nokudlala – kodwa manje amehlo athe njo kumqeqeshi wamaBhokobhoko.

Ekuqokeni kwakhe abadlali okumangaza kakhulu, kunzima ukugxeka iqembu azoliqoka uma amabhokobhoko esebhekene ne-Wales eKapa ngoMgqibelo.

Kodwa-ke kunabadlali abathathu abaqokile abagqamisa ubuthakathaka eqenjini lamaBhokobhoko.

UDamian Willemse, oxoshwe kulowo mhlaba wabadlali ababizwa nge-utility back, uzoqala kwi-fullback. Ngaphansi kwezimo ezikhona kungenzeka ukuthi bekufanelekile ukuthi aqokwe, kodwa yize ekhula ngomzimba njalo uma evela enkundleni, akasiyena umdlali wasemuva ophelele.

Iqiniso lokuthi uWillie le Roux usebhentshini njengozongena kuleso sikhundla kugqamisa inkinga enkulu ngaleso sikhundla.

Siyabonga ukuthi uHandré Pollard akaseyena ukaputeni. Yize edlala kahle njenge-flyhalf, akanakho okudingekayo ukuze abe ukaputeni. Ukukhahlela kwakhe ibhola ngoMgqibelo kungenzeka ukuthi kube nomthelela omkhulu kwimiphumela yomdlalo – hhayi ngendlela enhle.

Siyethemba ukuthi ngesikhathi edlala uzogxila kakhulu ekubeni i-flyhalf esikhundleni sokuzama ukuba ukaputeni. Lindelani ukuthi uWillemse adlulele kwi-flyhalf bese uLe Roux angene njengomdlali wasemuva emizuzwini ethile esiwombeni sesibili.

Kufanele sibonge ububele obuncane futhi kuhle ukwazi ukuthi u-Elton Jantjies akekho ebhentshini.

Ngabe uSiya Kolisi uzowubuyisa yini umlilo awukhombisa ngesikhathi engukaputeni nomdlali kwiNdebe yoMhlaba? Akukho okubonisayo ukuthi uzokwenza lokho, kodwa sithemba kanjalo.

Ukuthi abaqoki bakhethe abadlali abafanele, kuwumbuzo wangolunye usuku, kodwa uma kubhekwa abadlali abangu-23 abadlala kahle kakhulu abazongena enkundleni eKapa ngoMgqibelo.

Abadlali abaqokiwe yilaba abalandelayo: 15 uDamian Willemse, 14 uCheslin Kolbe, 13 uLukhanyo Am, 12 uDamian de Allende, 11 uMakazole Mapimpi, 10 uHandré Pollard, 9 uJaden Hendrikse, 8 uJasper Wiese, 7 uPieter-Steph du Toit, 6 uSiya Kolisi (ukaputeni), 5 uLood de Jager, 4 u-Eben Etzebeth, 3 uFrans Malherbe, 2 uBongi Mbonambi, 1 noTrevor Nyakane.

Abasebhentshini yilaba abalandelayo: 16 uMalcolm Marx, 17 uSteven Kitshoff, 18 uVincent Koch, 19 uFranco Mostert, 20 uKwagga Smith, 21 u-Elrigh Louw, 22 uFaf de Klerk, 23 noWillie le Roux.

Izihloko zakamuva