Karabo Rammutla
E-Mountain View Skierlik ngaphandle kwase-Mamelodi inkinga yamanzi eyandayo isho ukuthi atholakala kuphela kulabo abanemali.
Sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba ukuthi abesifazane abaphelelwe ithemba baphenduke izigqila zocansi ukuze bathole amanzi.
Le ndawo inamathange amanzi omphakathi cishe angenalutho, nakuba uMasipala wase-Tshwane uthumela izimoto zamanzi ukuze zigcwalise amathangi amanzi.
Abanye abantu banqamula izivumelwano zokuthenga amanzi kubashayeli bamathangi amanzi kaMasipala okuyilapho abesifazane bethi bayaphoqeleka ukuthi baye ocansini nabashayeli ukuze balethelwe amanzi ezindlini zabo mahhala.
Isakhamuzi uLebo Mahlangu uthe amanzi alethelwa kuphela izintombi zabashayeli bamaloli nalabo abawathenga ngokungemthetho.
Uthe amanzi alethwa ekuseni ezindlini zabesifazane abangena ebudlelwaneni nabashayeli.
“Ngibone iloli ligcwalisa amanzi emzini obuseduze nami ngehora lesibili ekuseni. Ngakusasa ithange lomphakathi belingenawo amanzi.”
“Ngibuze umshayeli weloli ukuthi kungani singenawo amanzi ngoba ngimbone egcwalisa ithangi ekuseni wathi ngoba ngimuhle ukuze ngilethelwe amanzi endlini yami kumele ngivume ukuya ocansini.
Uthe umphoxile lo wesilisa wabe esenquma ukuyobika ngaye.
USipho Masombuka uthe wazithengela elakhe ithangi ngesikhathi ebona ukuthi amanzi atholakala kuphela kulabo abanemali kumbe abalala nabashayeli bamaloli.
“Kubiza u-R150 ukugcwalisa ithangi lami futhi lihlala isonto lonke.
Umholi womphakathi uMnu Sphiwe Khosa uthe njalo uma befuna ukuthi abashayeli bagcwalise amathangi omphakathi kumele izakhamuzi zibhikishe zivimbe amaloli athwala amanzi ukuthi zingahambisi amanzi ezindlini zezintombi zabo.
“Kumanje bahambisa amanzi ezintombini zabo njalo ebusuku kuthi uma sekusele amanzi amancane bahambisele umphakathi,” usho kanje.
Okhulumela uMasipala wase-Tshwane, uLindela Mashigo uthe akukho emthethweni ukucela imali yokuhlinzeka ngamanzi.
UMashigo unxuse izakhamuzi ukuthi zibike abashayeli bamathangi amanzi abakhokhisa lolu hlelo kanye nosuku nesikhathi.
Uthe abahlinzeki bezinsiza bayashintshana futhi akuyena oyedwa ohambisa amanzi endaweni.