Menzi Magubane
Onompempe babulala ibhola lase Afrika ngezinqumo zabo ezingabazisayo. Umdlalo wethu esiwuthandayo udinga kakhulu uhlelo lwe-Video Assistant Referee (i-VAR). Ayisakwazi ukuqhubeka kanje.
Ngiyazi ukuthi abanye abantu akubona abalandeli bobuchwepheshe besimanje ebholeni, kodwa indlela okwenzeka ngayo, i-VAR iyona kuphela isixazululo sokwahlulela kahle abadlali. Izenzo zonompempe base-Afrika ziyihlazo.
Umdlalo phakathi kwe-Ghana neBafana Bafana uyisikhumbuzo esibuhlungu sonompempe abenza kabi. Bekuwumdlalo omkhulu kuwona womabili la maqembu nokube yihlazo ukuthi kuthathe indoda ephethe impempe ukuze kubonakale ukuthi ubani owinile.
Ukube besine-VAR, kwazi bani ukuthi bekungaba yini umphumela walowo mdlalo. Ngeke ngigxile kwizinsolo zokuthi unompempe uMaguette Ndiaye wathola “wafumbathiswa” ndawana thize ukuze abe nomthelela kumphumela.
Kodwa ibhola lase-Afrika kumele lihambisane nesikhathi. Lo unyaka wezi-2021 futhi ngeke sisakhuluma ngezinga eliphansi lonompempe bethu. I-VAR izobhekana nezinkinga eziningi futhi kwazi bani? Mhlawumbe singanyuka isibalo sonompempe base-Afrika abamenywayo ukuzophatha imiqhudelwano yamazwe ngamazwe.
I-CAF ayikwazi ukusebenzisa izaba zokuthi ubuchwepheshe buyabiza. Siyakwazi lokho. Kodwa kufanele babheke isithombe esikhulu, esivikela isithunzi sebhola lase-Afrika.
Nginesiqiniseko sokuthi uMengameli we-CAF uPatrice Motsepe akayena umuntu ojabule. Ukuphatha kukaNdiaye kube yihlazo kuMotsepe naku-CAF. I-Safa ibinalo lonke ilungelo lokuyisa izikhalo zayo ku-FIFA bese igxumela i-CAF.
I-Ghana neBafana bebedlala imidlalo yokuhlungela indebe yomhlaba ye-FIFA. Ngaphandle konompempe ibingahlangene ne-CAF. Ukube bekuyimidlalo yokuhlungela i-CAF African Cup of Nations, ngabe udaba luyiswe kwi-CAF.
UMotsepe nenkampani kumele bakucabangisise ukuba ne-VAR ukuze bagweme ukuphoxeka esikhathini esizayo.
Bebenobuchwepheshe kowandulela owamanqamu nowokugcina we-CAF Champions League ngesizini edlule. Kwakungafanele bame lapho.
Umthombo wesithombe: @AfricanSportUpdate