Dylan Bettencourt
Elakuleli lidinga ukuqhela kuphethiloli wamazwe,” ngokusho kukaMnu Jacob Mbele umqondisi-jikelele woMnyango Wezokumbiwa phansi Namandla.
Ekhuluma esithangamini samandla kagesi ngoLwesihlanu olwedlule, uMbele uthe igesi yemvelo iyona ewukhiye ekuxazululeni inkinga kagesi kuleli kanjalo nekhono lezwe lokukhiqiza uphethiloli walo.
“Kungumbono womnyango ukuthi kufanele siqhubeke nokuthuthukisa uwoyela negesi yethu ezweni,” kusho uJacob.
“Kungumbono woMnyango ukuthi ukuvikeleka kwamandla kudinga ukuthuthukiswa kanye nokusetshenziswa ngendlela efanele kwezinsiza zethu zomdabu ukuze kuncishiswe izingozi zezwe, njengoba sisanda kubona e-Europe.”
UMbele wengeze ngokuthi ukukhiqizwa kukaphethiloli negesi kuleli kuzodala izinkulungwane zemisebenzi kuphinde kwehlise nentengo kaphethiloli.
“Ukuthuthukiswa kanye nokusetshenziswa ngendlela efanele kwezinsiza zethu zomdabu kuzosiza ekwehliseni ukuthenga ngaphandle kanye nokubheka ezinye izindlela ezingasetshenziswa.”
UMbele uthe uwoyela negesi kuzohlala kuyingxenye ebalulekile yamandla ezwe kanti ukusetshenziswa kwegesi kuzokwenza kube iyona umthombo omkhulu wamandla akuleli.
“Ake ngiphinde nginikhumbuze ukuthi ukusetshenziswa kwezinjini ezivuthayo zangaphakathi e-Afrika okuhlanganisa nelakuleli, kusho ukuthi kuzoqhubeka esikhathini esizayo ngaleyo ndlela kudinge amafutha ajwayelekile.
“Ukutholakala kwezinsiza zikawoyela wendabuko kanye namandla okucutshungulwa noma okucwengwa ezweni kubalulekile.”
Nokho uMbele uvumile ukuthi kungase kube nokubambezeleka kokusetshenziswa kwegesi ukukhiqiza uwoyela nophethiloli.
“Ingozi enkulu kakhulu esibhekene nayo njengezwe njengoba sithuthukisa izinqubomgomo zethu, izinhlelo noma indlela yethu yokususa i-decarbonisation okuvimbela noma kubambezele ukuqala kwephrojekthi futhi kwandise izinselele zokuvikeleka kwamandla.”
UMbele ukuqinisekisile ukuthi sekubhekwe nezinye izindlela ezifana nogesi welanga namandla omoya.
Umthombo wesithombe: @DHL