Kumele azilungiselele ukubhekana namazwe angompetha u-Erasmus

Baningi abantu abangama-flyhalves abagcwele, kodwa abekho eqenjini lakuleli okwenza uLucky Maree asabe ngomdlalo ne-Ireland. 

Ngemuva kokulungiselela umdlalo webhola lombhoxo ne-Ireland kanye namaqembu ase-Northern Hemisphere izinyanga, kubonakala sengathi uRassie Erasmus noJacques Nienaber bazobhekana namazwe amathathu ahamba phambili ebhola lombhoxo ngaphandle kokuba nabadlali abazoba ama-flyhalves.

Kukho konke lokhu bebesebenzisa igama elithi-utility ukuchaza umdlali ofana ne-fyhalves. 

UDamian Willemse udlale kahle njenge-flyhalf kumaBhokobhoko emdlalweni bebhekene ne-Ireland kule mpelasonto, kungenzeka ukuthi uyi-utility ozogqoka ijezi elinenombolo yeshumi. 

Lo mdlali othathwa njengomdlali wasemuva, akungabazeki ukuthi uzonikela ngakho konke okusemandleni akhe, kodwa ngabe lokho kuzobe kwanele yini?

Lokhu kuyindida kubaqeqeshi bamaBhokobhoko.

Ngesikhathi uHandré Pollard egcina ukudlala wayengeyena umdlali lo ojwayelekile, ukulimala kuyabenza abadlali bangakwazi ukudlala kahle, kodwa ukuba i-flyhalves kumele uhlezi wenza konke okusemandleni ube nesibindi okuyinto  Pollard angenayo. 

UJohan Goosen akekho ngenxa yokulimala futhi lo mdlali osesibhedlela ubengeke vele ahlale isikhathi eside enkundleni. 

UFrans Steyn ungumgadli obezimisele ezinikele ngakho konke bebhekene ne-Argentina, kodwa ukungabi nalo ikhono lokugiima bekumphazamisa ngaso sonke isikhathi. Enyinto efana nokugijima kwakhe kancane bekuyizinqumo zakhe ezingabekezeleleki. 

Cabanga nje ukube u-Elton Jantjies akazifakanga e-rehab besombona egijima enkundleni engena neqembu lakhe. 

Ukubuka uManie Libbok  ezabalaza e-Northern Hemisphere bebhekene ne-Cardiff bekuthusa ubewa kaningi enkundleni njengoba bekushibilika okubi kunakho konke ubehluleka ukubamba ibhola. ULibbok ungumdlali ozithembayo kanye noNienaber no-Erasmus bangenza noma yini ukubuyisa ukuzethemba kumdlali, kodwa kuzomele basebenze ngokuzikhandla uma uLibbok ezodlala umdlalo webhola lombhoxo ojwayelekile. 

I-Ireland iphethe uJohnny Sexton futhi akungabazeki ukuthi ungumdlali ocasula kakhulu enkundleni futhi lokho kubandakanya unompempe.

 Ayikho indlela yokukufakazela lokho, kodwa kubonakala sengathi uSexton usephendule yedwa abalandeli be-Leinster wabenza izigebengu ezikhonondayo, bakwazi ukuhlukumeza, wabenza abantu abahlezi bethukuthele waphinde wabenza abathandi bebhola lombhoxo abachemile ngokuphelele okuyinto efanelekile vele ukuthi ingenziwa uJonny oyintandokazi. Kodwa cishe udlala ibhola lombhoxo elingcono kakhulu empilweni yakhe. 

Akungabazeki ukuthi abaqeqeshi bamaBhokobhoko babheka izindlela zokubhekana naye. Kuyothakazelisa ukubona ukuthi bazokwenza kanjani lokho.

U-Eddie Jones ubiza lesi sikhathi njengesijabulisayo uma ungumqeqeshi webhola lombhoxo”. Kulula lokho kuye ukuthi akusho uma esenabadlali abafana noMarcus Smith oyi-flyhalf enhle kakhulu emhlabeni kanti uSmith angase angakwazi ngisho ukugqoka inombolo yeshumi uma i-England idlala namaBhokobhoko e-Twickenham ngomhlaka-19 kuLwezi. 

Kubukeka sengathi elakuleli ligudla umgqomo kanti i-Ireland, i-France ne-England igudla phezulu ebholeni.

Isithombe esingenhle ngesikaJacques Nienaber noRassie Erasmus.

Umthombo wesithombe: The South African

Izihloko zakamuva