Kumele ama-Proteas adlale ngokuzikhandla ukuze bagweme ukuphuma ekuqaleni kwendebe yomhlaba

Dylan Bettencourt

Ukushaya ngamandla kwama-Proteas kuveze iphutha elikhulu ekwakhekeni kweqembu ngesikhathi benqotshwa okokuqala ngqa bedlala ne-Australia ebidonsa kanzima kwindebe yomhlaba i-T20, ngoMgqibelo.

Kumele badlale ngokuzikhandla uma befuna ukugwema ukuphuma esigabeni sokuqala se-Super 12.

I-Australia inqobe umdlalo wekhilikithi ngama-wicket amahlanu ihlula ama-Proteas, njengoba ishaye amaphuzu aseNingizimu Afrika ayi-118 kusasele amabhola amabili ngesikhathi abaphosayo be-Protea bezama ukuhlenga lo mdlalo wosuku ukuba bangadliwa. 

Iqembu lekhilikithi laseNingizimu Afrika libhekane nesikhathi esinzima selokhu kwabheduka i-Covid-19, kodwa basaya kulo mdlalo njengezintandokazi njengoba ama-Aussies ebekezelele unyaka onzima kuze kube manje. Balahlekelwe umdlalo wabo wesihlanu wokugcina we-T20 ngaphambi kokuya e-Oman nase-United Arab Emirates kulo mqhudelwano.

U-Aiden Markham ugqame ngoMgqibelo njengoba ama-run akhe angama-40 emabholeni angama-36 kube nguyena onama-runs amaningi kunabobonke ngalolo suku, kodwa ukungabambisani  phakathi kwabadlali bekhilikithi kubonakale kuyinto embi kuma-Proteas.

Ama-Proteas azodlala ne-West Indies ngoLwesibili emdlalweni wabo wesibili walo mqhudelwano. I-West Indies ilahlekelwe umdlalo wayo wokuvula ngesikhathi ibhekene ne-England futhi womabili amaqembu kumele enze isitatimende.

Njengoba isigaba se-Super 12 somqhudelwano sesiqhubeka, lo mqhudelwano kulindeleke ukuthi uqale ukushuba njengoba amaqembu aphambili emhlabeni elwela isicoco sompetha sendebe yomhlaba i-T20. 

I-India iyiqembu eliyintandokazi kakhulu, kodwa umdlalo wabo bebhekene ne-Pakistan uzoqinisekisa uphinde ufakazele ukuthi banalo ikhono lokususa izimbangi zabo esicongweni. 

I-England yayithathwa njengabantu abangahle baphumelele emncintiswaneni futhi ukunqoba kwabo behlula ompetha i-West Indies ngoMgqibelo kukhombisile ukuthi bangayihlula i-India futhi bathathe isicoco sabo sesibili sendebe yomhlaba ye-T20, ngemuva kokuwina ithonamenti ngonyaka wezi-2010.

Umthombo wesithombe: @T20WorldCup

Izihloko zakamuva