Celani Sikhakhane
ISilo Samabandla uMisuzulu kaZwelithini singene kwaphazamiseka inkulumo yesifundazwe saKwaZulu-Natali ngesikhathi singena sihamba namasosha e-Royal Agricultural Showgrounds ngoLwesine.
Lokhu kuphoqe uNdunankulu uMnu uSihle Zikalala ukuthi anqamule inkulumo yakhe.
Kuke kwaba nesidididi phambilini ngokuthi ngabe iSilo sizowuhambela yini umcimbi wokuvulwa kwesiShayamthetho. Imibiko ithe ngeke alubhade ngemuva kokuthi uhulumeni wesifundazwe ehoxise uMkhosi wakhe wokuvulwa kwesiShayamthetho wenzeka ngaphambi kwe-Sopa minyaka yonke.
ISilo sifike sekudlule isikhathi esingangehora sihamba nonogada abakhulu namalambu aluhlaza acwebezelayo.
Ubehambisana nonkosikazi wakhe wokuqala iNdlovukazi uNtokozo KaMayisela waseSigodlweni saKwaKhangelamankengana.
USomlomo weNdlu uNontembeko Boyce kudingeke ukuthi asebenzise izigaba ezithile zemithetho ukuze anqamule inkulumo kaZikalala ngesikhathi sekufike iSilo endlini.
Phakathi nesonto uBoyce uthe bameme iNdlunkulu kodwa iSilo ngeke sivunyelwe ukuthi sikhulume neNdlunkulu kuze kube uMengameli uCyril Ramaphosa uyamgcoba ngaphansi komthetho wobuholi beNdabuko nama-Khoisan.
“Akukhona okokuqala iNgonyama kaZulu ingakhulumi eNdlunkulu,” kusho uBoyce.
“Kuphinde kwenzeka ngonyaka odlule ngemuva kokubheduka kwegciwane i-Covid-19. ISilo Samabandla uGoodwill Zwelithini osakhothama akakwazanga ukuvula isiShayamthetho kwaba nenkulumo yesimo sesifundazwe eyathulwa nguNdunankulu eyayinezivakashi ezingu-50 kuphela.”
Ngaleso sikhathi iSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu wayevele esesibhedlela lapho akhothama khona ngenxa yezinkinga ezihlobene ne-Covid-19.