Kume ukufunda esikoleni ngemuva kokudutshwa othisha

Lubhalwe nguSihle Mavuso

Babalelwa ku-700 abafundi base-Intakemazolo Combined School, eHammarsdale entshonalanga yeTheku abangakaze bafunde selokhu kuqale ikota yesithathu.

Lokhu kungenxa yokungaboni ngaso linye phakathi kukathishomkhuku nesigungu esilawula isikole (SGB).

Inkinga iqale ekuqaleni kwale nyanga ngesikhathi kuvulwa izikole.

I-SGB ifuna uThishomkhulu uNksz Nonhlanhla Hlophe, aphume esikoleni futhi imyekise ukuza emsebenzini. Akucaci ukuthi kungani i-SGB ingamfuni.

Ukweseka uHlophe bonke othisha baphume bashiya abafundi bengenabo othisha abazobafundisa. Awekho amakilasi aqhubekile kusukela kuhambe othisha.

“Bazali abathandekayo, sifisa ukunazisa ukuthi izingane zenu zishiywe dengwane othisha bazo,” kusho i-SGB encwadini eya kubazali.

“I-SGB, okuwubuholi babazali, iyahlangana noMnyango wezeMfundo ukuzama ukuthola izixazululo kulokhu. Siyaxolisa ngale nselelo.”

USihlalo we-SGB uNksz N Kweyama usayinwe incwadi.

Imizamo yokumthola ukuze aphawule ayiphumelelanga.

UHlophe uqondise yonke imibuzo eMnyangweni wezeMfundo KwaZulu-Natal.

Okhulumela uMnyango, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe uMnyango uyazi ngalesi simo wathi isifunda siyalusukumela lolu daba.

Esithombeni esingenhla: Incwadi eya kubazali ethunyelwe yi-SGB.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva