Dylan Bettencourt
UCharles Yohane odabuka e-Zimbabwe uchithe izinsuku zakhe zebhola edlala eNingizimu Afrika emaqenjini amakhulu kubalwa ne-Bidvest Wits futhi ehola imali enhle.
Kodwa ukushona kwakhe kugqamisa ubunzima abadlali base-Afrika ababhekana nabo uma sebeyeke umsebenzi wabo wokudlala ibhola.
UYohane ushonele eNingizimu Afrika ngomhlaka-12 kuNhlolanja ngemuva kokudutshulwa esigamekweni okusolakala ukuthi bekuntshontshwa imoto. Ngemuva kokuthatha umhlalaphansi lowo owayengumdlali webhola lezinyawo wachitha izinsuku zakhe esebenza njengomshayeli wetekisi i-Bolt.
Njengezinye izihlabani zebhola zase-Afrika, impilo ngemuva kwebhola ibingelula kuYohane obengasakwazi ukuziphilisa.
“Cishe ubehola u-R76,000 ngenyanga njengomdlali kanti ubehola imali elinganiselwa ku-R6,000 ngenyanga ngesikhathi esebenza kwi-Bolt,” kusho okhulumela i-South African Football Association uDominic Chimhavi etshela i-BBC Sport.
UYohane wachitha iminyaka eminingi kwi-Bidvest Wits, wadlala kusukela ngo-1997 kwaze kwaba ngu-2006 wabe esebuya njengomqeqeshi wokuthuthukisa. Kodwa ngesikhathi sebedayiselwe i-Tshakhuma Tsha Madzivhandila ngo-2020 waphelelwa umsebenzi.
Umdlali wasemuva ubejabulela izikhathi ezinhle enkundleni. Wabamba iqhaza emagolini amabili ayingqophamlando e-Zimbabwe emqhudelwaneni we-Afcon ngo-2006. Wasiza kwigoli lokuqala ngqa lezwe kulo mqhudelwano kanye nakwigoli elaqokwa njengelihamba phambili kulo mqhudelwano.
UYohane nguyena ophethe irekhodi leqembu emidlalweni eminingi kwi-Bidvest Wits engasekho. Ungene enkundleni izikhathi ezingu-268 edlalela i-Clever Boys.
UYohane akuyena yedwa umdlali webhola obedonsa kanzima ngemuva kokuthatha umhlalaphansi. Umpetha wase-Congo uMulamba Ndaye ushonele eNingizimu Afrika ngenxa yobubha ngo-2019. Lo mgadli usaphethe irekhodi lokushaya amagoli amaningi emqhudelwaneni owodwa we-Afcon.
UDavid Mkandawire, naye wase-Zimbabwe, ushone empofu ngo-2019 ngemuva kokuphela komsebenzi wakhe wokudlala ibhola ku-AmaZulu.
Umthombo wesithombe: @GetIndiaNews