Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Abasebenzi bakamasipala eRay Nkonyeni batelekela imali elinganiselwa ku-R144-million abangakaholelwa yona, kanti lokho sekumise ukuqoqwa kwadoti kanjalo kwama neminye imisebenzi yansuku zonke ehlinzekwa umasipala.
Abasebenzi bafuna iholo lezinyanga eziyisithupha baphinde bakhushulelwe emisebenzini engcono kodwa imenenja yedolobha uKhetha Zulu uthi umkhandlu awunayo imali.
Abasebenzi bomkhandlu wedolobha iRay Nkonyeni, ePort Shepstone, sebedube ukusebenza amasonto amabili bashiya udoti ungaqoqiwe, kume neminye imisebenzi ehlinzekwa ngumasipala kwizakhamuzi nsuku zonke njengoba belwela u-R144-million wemali abangakayitholi.
Abasebenzi abangamalungu ezinyunyana ngeke basebenze anduba bathole amaholo angcono kanye nemihlomulo abathenjiswe yona. Bathi imenenja yedolobha uKhetha Zulu yephula izithembiso ezenziwe mayelana nokukhokhelwa kwabo.
Umkhandlu uthole incwadi yenkantolo ephoqa abasebenzi ukuba mababuye ngenyanga edlule kodwa banqaba.
Abammeli bomkhandlu babhalele abasebenzi bethi ngeke bakhulume ngamaholo kuze kube wonke umuntu ubuyela emsebenzini.
Impi yaqala ngomhlaka-25 kuMfumfu. Abasebenzi bafuna izinyanga eziyisithupha zokuholelwa kanye nemisebenzi engcono ngemuva kokuthi amadolobha amabili amancane ejoyine umkhandlu owodwa omkhulu ngo-2016.
Umphathi wedolobha uZulu uthi umkhandlu awunayo imali.
“I-RNM ibingenayo imali njengamanje kodwa bekumele ihlale phansi nenyunyana yabasebenzi bakamasipala iSouth African Municipal Workers Union ukuze kutholwe indlela yokuholela abasebenzi,” usho kanje.
UZuku ufuna ukuthi umkhandlu uphinde ubhekisise isivumelwano kuqala.
Kodwa abasebenzi bathi ngeke basebenze baze bazi ukuthi bazohola nini.
Esithombeni esingenhla: Umasipala waseRay Nkonyeni ePort Shepstone usonqenqemeni lokuwa njengoba isiteleka sabasebenzi singena esontweni lesibili.
Umthombo: Sithunyelwe