Kumapeketwane echwebeni lase Richardsbay nelaseThekwini

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Izikhulu zakwa-Transnet zithi izinkinga ezibhekene nechweba laseRichardsbay nelaseThekwini zidalwa ukuguga kwemishini abayisebenzisayo nesimo sezulu esinomoya ongemuhle.

Lokhu kushiwo ngemuva kwezikhalo ngamaloli amalahle asuka eMpumalanga ahlezi emgwaqeni u-N2 nasemgwaqeni u-John Ross Highway osekuphele izinyanga elinde ukungena echwebeni laseRichardsbaye kanye nemikhumbi ebalelwa kwengu-63 ebhadle olwandle lwaseThekwini ngenxa yokuthi akungeneki echwebeni.

UMnu Bonginkosi Mabaso wakwa-Transnet obenengxoxo nabasiki bebunda kuKhozi Fm uthe inkinga ababhekene nayo nedala lesi siminya minya ukuthi isimo sezulu esikhona senza kungasebenzeki nokwenza imikhumbi elethe impahla iduve olwandle kuvaleleke namaloli asuke ethwele impahla.

“Isimo sezulu siphazamise kakhulu kodwa kuningi okwenziwayo ukuthola imishini emisha ezokwazi ukubhekana nesimo .Okusijabulisayo ukuthi kunabahlobo bethu abazimele abasilekelelayo ukuthi kulungiswe isimo esikhona emachwebeni ethu,” kusho uMabaso.

Ngakolunye uhlangothi i-Transnet isempini nomasipala waseMhlathuze, kanti babanga indaba yokuholelwa kwamaphoyisa akamasipala njengoba eselawula amaloli ku-N2 naku-John Ross Highway. 

Ngisho uMengameli uCyril Ramaphosa akeneme ngakubone emachwebeni.

UMnuz Bongani Gina kaMasipala waseMhlathuze uthe kunendawo abaxoxisana ngayo abebehlele kuyo intuthuko yamabhizinisi.

Uthe le ndawo bazoyilungisela u-Transnet ukuze usebenze kuyo.

Izihloko zakamuva