Kumangalelwe usaziwayo mayelana nengoma

Farida Joyce

UDJ osewine izindondo eziningi ophinde abe umdidiyeli uMaster KG, ogama lakhe langempela uKgaogelo Moagi, umangalelwe ngezinsolo zokwephulwa ilungelo lobunikazi engomeni eyashisa izikhotha ethi Jerusalema.

Abaculi uCharmza the DJ noBiblos bavulele uMaster KG, inkampani yakhe yokuqopha i-Open Mic Productions kanye nomsabalalisi womculo i-Africori icala.

Ngokusho kwe-Channel24, amaphepha asenkantolo athunyelwe mhla ziyisishiyagalombili kuNhlangulana ngokumelene noMaster KG kanye ne-Open Mic abonisa ukuthi alikho iqembu elalinegunya elisemthethweni ngengoma ethi Jerusalema noma ilebula yokuqopha ngesikhathi beyikhipha ngenjongo yokuyidayisa.

UNomcebo Zikode uqambe waphinde wacula ingoma ethi Jerusalema. UCharmza the DJ uthi ubizwe esitudiyo sokuqopha nguMaster KG kodwa wathi akanikwanga mali.

Isitatimende sifundeka kanje, “Le ngoma iwumphumela wokusebenzisana phakathi komdidiyeli womculo uCharmza the DJ, okunguye owadidiyela le ngoma kanye noNomcebo Zikode owabhala le ngoma wayenzela i-master recording, edidiyelwe estudiyo uCharmza the DJ.”

Ngaphezu kwalokho, kuthiwa azikho izivumelwano ezenziwa futhi akukho mvume yamalungelo etholwe kubanikazi bamalungelo okukopisha kuMaster KG noma ilebula lakhe lokuqopha ukuze bakhulule ingoma futhi bayenze ihwebe ngaphansi kwamagama abo kuphela ukuze bazuze ngokwezimali.

Ngokwesitatimende, uMaster KG kanye ne-Open Mic bakhiphe ingoma eqoshwe ngaphandle kokuthola imvume kubaculi abathi yibo abasungula le ngoma base beyayiqopha. Abazange futhi bathole ilayisense noma imvume evela kuBiblos othi ungumnikazi womsindo oqoshiwe owathathwa njengesampula engomeni.

UNkateko Maluleke we-Open Mic Productions uvumile ukuthi nakuba bebazi ngamasamanisi, abakwazi ukuphawula kakhulu.

“Kuwudaba olusenkantolo. Ngeke sikwazi ukukhuluma ngeminye imininingwane,” kusho uMaluleke.

UMaster KG engxoxweni abenayo ne-TshisaLIVE uthe abammangaleli bakhe abanalo ulwazi.

“Abakwazi nokubhala kahle igama lami ngoba abalazi lutho,” esho. “Ngikubheke ngabomvu ukuthi nibike ngomphumela wecala uma kuwukuthi lizoba khona.”

Izihloko zakamuva