‘Kulula ukuthola izidakamizwa esikoleni kunasemigwaqweni’ 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

UNompumelelo Masemola, olulama ekusebenziseni izidakamizwa uthi intsha eningi isebenzisa izidakamizwa ukuze ikwazi ukubhekana nengcindezi esikoleni bese igcina isingene kuzo. 

Lo wesifazane oneminyaka engu-23 waKwa-Thema eKurhuleni uqale ukusebenzisa izidakamizwa efunda umatikuletsheni ngoba etshelwa umngani wakhe ukuthi zizomnika umfutho futhi zimsize ukuthi angalali uma efunda.

UNompumelelo utshele i-Scrolla.Africa ukuthi waqala ukudla amakhekhe ensangu athengiswa ngomunye umfundi. 

“Ngabe sengisuka ekubhemeni insangu, ngokushesha ngase ngisebenzisa izidakamizwa nsuku zonke ngisafunda. Akuphelanga sikhathi esingakanani saqala ukusebenzisa i-Cat (methcathinone). 

“Engangikufuna nje ukuthi ngiphase umatikuletsheni wami futhi ngenze umndeni wami uziqhenye ngokuya enyuvesi,” usho kanje.

Yize akwazi ukungena enyuvesi kodwa uNompumelelo wagcina engenakhaya esecwile ezidakamizweni. 

Uyise wayedayisa izidakamizwa, ngakho wayekwazi ukuthola izidakamizwa kalula. 

Wangeniswa esikhungweni sabalulama ezidakamizweni saKwa-Thema ngoZibandlela ngemuva kokuba isakhamuzi esikhathazekile simthole elele ngaphakathi emgqonyeni kapulasitiki. 

“Leso sikhathi kwaba ukuguquka kwempilo yami. Leli yithuba lesibili lokuthi ngiphile kabusha impilo yami,” kusho uNompumelelo. 

Uthi kulula ukuthola izidakamizwa esikoleni kunasemigwaqeni. 

“Abafundi noma othisha badayisa izidakamizwa futhi akekho osesha abafundi noma othisha kanti nokusesha kwamaphoyisa kuyivelakancane. 

“Intsha eningi esebenzisa izidakamizwa yaqala ukuzisebenzisa esikoleni. Kuningi okusamele kwenziwe ukuvikela abafundi ezidakamizweni,” kuqhuba yena.

Njengoba eselulama uNompumelelo usefuna nokufundela ubuthishela.

Osesithombeni ngenhla: UNompumelelo Masemola.

Umthombo: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva