Kulindeleke ukuthi wonke amaqembu amakhulu ebhola eNingizimu Afrika abe neqembu labesifazane

Menzi Magubane

Isikhathi siyahamba kumaqembu ase-Soweto i-Orlando Pirates ne-Kaizer Chiefs kanjalo namanye amaqembu ayi-13 ku-DStv Premiership.

NgoNcwaba inhlangano eyengamele ibhola e-Afrika, i-CAF, iyalele wonke amaqembu adlala kumaligi awo aphezulu ukuthi asungule amaqembu abesifazane uma kungenjalo azokhishwa ku-Champions League.

Njengoba isimo sinje, i-Mamelodi Sundowns iyona kuphela iqembu elineqembu labesifazane kuligi ngakho-ke ikufanele ukubamba iqhaza ku-Champions League ngesizini ezayo, inqobo nje uma ihlungela ukungena.

Ukukhumbuza wonke amakilabhu, i-CAF Club Licensing Manager, uMuhammad Sidat uthe: “Ngaphambi kokuvunyelwa ukubamba iqhaza kwiligi yompetha be-CAF yowezi-2022/23 kanye nezinhlelo ezilandelayo, amakilabhu kufanele abe neqembu labesifazane.”

Amaqembu afana ne-Chiefs ne-Pirates athathwa njenganamandla ebholeni laseNingizimu Afrika nokufike kwathusa abanye babalandeli bawo ukuthola ukuthi awanawo amaqembu abesifazane yize benazo izinsiza.

Ngomthetho omusha, sebeyaphoqeleka ukuthi bahlanganise iqembu labesifazane ngokushesha uma befisa ukuqhubeka nokubaluleka ebholeni lase-Afrika.

Umxhumanisi waMakhosi nabezindaba uVina Maphosa utshele i-Scroll.Africa ukuthi izingxoxo zisasaqhubeka mayelana nalolu daba.

“Angikwazi ngempela ukukutshela ukuthi sikude kangakanani kulokho, kodwa ngingakuqinisekisa ukuthi lolu daba siyalulungisa siludingida mihla namalanga bese kuthi uma sekwenziwe konke sokwenza isimemezelo,” kusho uMaphosa.

AmaZulu nawo ayiqembu lakamuva elikhombise ukuzimisela ngebhola lezwekazi. Usihlalo wabo uSandile Zungu ukubeke kwacaca ukuthi ufuna iqembu lakhe lidlale kakhulu emiqhudelwaneni ye-CAF.

Umxhumanisi weqembu nabezindaba uBrilliant Mkhathini uthe iqembu lisha ebholeni lase-Afrika futhi i-CAF kufanele ikuqonde ukuthi ngeke kwenzeke ngokuphazima kweso ukusungulwa kweqembu labesifazane.

“Kuthatha isikhathi ukuqala uhlelo olufana nalolu, kodwa siyaqiniseka ukuthi sizoba neqembu labesifazane futhi ngeke kwenzeke ngokuphazima kweso,” kusho uMkhathini.

Ukwamukela amaqembu abesifazane, i-CAF manje isinomqhudelwano wabesifazane we-Champions League odlalwe okokuqala e-Egypt ngoMfumfu. I-Sundowns Ladies ibe iqembu lokuqala ukuba ngompetha ngoLwesihlanu olwedlule.

Umthombo wesithombe: @AfricanSportUpdate

Izihloko zakamuva