
Dylan Bettencourt
I-Formula 1 ikhuza ibuya eNingizimu Afrika njengoba uMengameli kanye nesikhulu esiphezulu uStefano Domeinicali bezondizela eGoli kuleli sonto ukuze baqhubeke nezingxoxo.
Ukubuyela e-Afrika kwe-Formula 1 sekunesikhathi eside kuwumgomo walo mdlalo kanti umjaho waseGoli ubulokhu usebenza ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.
Imibiko ithi uDomeincali uzondizela eGoli kuleli sonto ukuze aqhubeke nezingxoxo ne-Kyalami Circuit ukuze lomjaho ubuye.
Isivumelwano phakathi kwalaba bobabili kuthiwa sesizophothulwa i-New York Times ekuqaleni kwale nyanga.
“IGoli lisohlwini lwethu nakanjani,” kuqinisekisa isikhulu se-Liberty Media uGreg Maffei.
“Ngingathanda ukuthi iphinde ikapakele eKapa, kodwa anginaso isiqiniseko sokuthi lokho kungenzeka yini ingakho iGoli kuyilona elizokhethwa.”
Abagijimi abaningi okuhlanganisa noLewis Hamilton bathi bafuna ukubona iNingizimu Afrika elandelayo ohlwini lwe-Formula 1 ezosingatha i-Grand Prix.
Yize uDomeinkali engashongo ngokuqondile ngokubuya kweNingizimu Afrika, kodwa i-CEO ithe i-Afrika iyindawo elandelayo yalo mdlalo.
Ukuqinisekisile ukuthi iNingizimu Afrika iyindawo elandalayo futhi i-Afrika inethemba lokuthi izovunyelwa ukusingatha le midlalo ngokushesha.”
Inkundla iKyalami yagcina ukuphatha i-Formula 1 Grand Prix ngonyaka ka-1993.
Nokho ithrekhi ayihlangabezani namazinga nemithetho ye-Formula 1 futhi kuzodingeka ithuthukiswe ukuze ibone ukubuyiselwa.
I-threkhi kuzodingeka ihlangabezane nesimo se-FIA Grade One ukuze ibuye futhi ihlangabezane nezimfuno ze-Fomula 1.
Kudingeka isitifiketi se-FIA Grade One okwamanje esise-FIA Grade 2 kanye nemali elinganiselwa ku-500 million okufanele ikhokhwe kwa-Liberty Media.
INingizimu Afrika isiqinisekisiwe ukuthi izosingatha imidlalo ye-elite motorsport lapho iKapa izosingatha umjaho we-Formulae E ngo-2023.
Abe-Formula 1 baphinde bagcizelela isifiso sabo sokwandisa uhlelo lwabo emhlabeni wonke kanti i-Afrika kungenzeka ibe indawo entsha elandelayo ngemuva kokumemezela umjaho e-Las Vegas ngonyaka ozayo.
Umthombo wesithombe:@Motorsport