
Dylan Bettencourt
Umeluleki wezokuphepha we-Uefa uSteve Frosdick ushiye isikhundla sakhe ngoNhlolanja ngemuva kokuzwakalisa ukukhathazeka ngenqubekela phambili yenhlangano.
Ngemuva kwezinyanga ezimbalwa esulile esikhundleni, i-Uefa yabhekana nezinkinga zokuphepha kanye nokuphazamiseka kowamanqamu we-Champions League nowe-Europa League.
UFrosdick obeyiphoyisa kuMasipala wakwa-Metro usathatha umhlalaphansi, wathuthela endimeni yezokuphepha enkundleni yebhola lase-Britain kanye ne-Europe ngeminyaka ka-1990 kodwa wesule ngoNhlolanja ngemuva kokuhlala iminyaka engu-11 nesigungu esilawulayo.
UFrosdick ushiye indima yakhe ngemuva kokusola abaphathi ngokungenzi kahle ezintweni ezithile kanye nokunganaki intuthuko yenhlangano.
Izintambo zomnyango wezokuphepha zathathwa uZeljko Pavlica umngani omkhulu kaMengameli we-Uefa u-Aleksandr Ceferin.
Kodwa ezinyangeni ezimbalwa ezedlule bemdlalweni wamanqamu we-Europa League phakathi kwe-Eintracht Frankfurt ne-Rangers kwanqanyulwa amanzi enkundleni ezindaweni ezimbili okungamanzi ompompi namanzi asiza ezindlini zangasese.
Kowamanqamu we-Champions League ngesikhathi i-Liverpool idlala ne-Real Madrid e-Stade de France e-Paris kwaba nokushayisana phakathi kwabalandeli namaphoyisa endawo.
Izinkulungwane zabalandeli be-Liverpool zazifikile ukuzokweseka iqembu. Yize i-Uefa ithi abalandeli ababenamathikithi omgunyathi ibona abayimbangela yalokhu kushayisana, kodwa kubikwa ukuthi ukuhlolwa kwamathikithi yikhona okwadala isiminyaminya kubalandeli nokwaba imbangela enkulu yodlame.
Njengoba izinhlangothi zombili zikhombana ngomunwe i-Uefa isixolisile ngesigameko kanti isiqale uphenyo ukuze kutholakale imbangela yalolu daba.
Nokho i-Uefa ihlulekile ukuphatha imidlalo ngendlela ehlelekike okuholele ekutheni abalandeli bafuthwe nge-pepper spray baphinde baphonselwa isisi esikhalisa unyembezi.
Imibiko iphinde iveze ukuthi babalelwa ku-3 000 abalandeli abathenge amathikithi asemthethweni abajikiswa izikhulu.
I-Uefa ikuvikele ukuqokwa kukaPavlica yengeza ngokuthi uhloniphekile futhi uyiphethe kahle indima yezikuphepha.
Umthombo wesithombe: @SouthChinaMorningPost