Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Umlingisi womdlalo waku-SABC, uGugu Gumede usephumele obala ngokuba nguMengameli olandelayo we-National Freedom Party.
Umkhankaso kaGumede odume ngelikamaMlambo ohlelweni Uzalo ludonse amehlo abantu ezinkundleni zokuxhumana ezahlukene.
UGumede uyindodakazi yowayeyiPhini likaNgqongqoshe wezeSayensi nobuChwepheshe, uNkk Zanele VZ kaMagwaza-Msibi ongasekho, kanti uMsibi wayengumholi owasungula i-National Freedom Party (NFP).
Leli qembu lasungulwa ngoNhlolanja ngonyaka ka-2011 ngemuva kokuthi uMagwaza-Msibi eshiye i-IFP ngesikhathi ehluleka ukuthatha izintambo zomholi wayo uMangosuthu Buthelezi.
UGumede utshele i-Scrolla.Africa ukuthi akakaze athintwe noma azithathele isinqumo ngokudlala indima ephambili eqenjini.
Ngesikhathi kungcwatshwa unina ngo-2021, uGumede watshela abalandeli be-NFP ukuthi wonke amalungu kufanele enze isiqiniseko sokuthi i-NFP ayifi nokaMagwaza-Msibi.
“Kuyangijabulisa ukuthi abantu be-NFP bangibona ngifanele ukungena ezicathulweni ezinkulu kangaka. Nokho-ke,nakuba ngiseyilungu elithembekile le-NFP angikaze ngithintwe ngokusemthethweni futhi angikaze ngikucabangele lokhu,” kusho uGumede.
Leli qembu liphinde langena odabeni lwezomthetho ngokuhluleka kwalo ukukhokha isikweletu esilinganiselwa ku-R12 million kubanikazi bamabhizinisi.
Libhekene nengwadla enkulu njengoba iKhomishini ezimele yoKhetho isivimbele leli qembu ukuthi lithole izimali zalo nokungenela ukhetho lokuchibiyela ngenxa yokungaboni ngaso linye kobuholi.
UGumede uthathwa njengethemba lokuvuselela iqembu futhi aliqhubekisele phambili ngo-2024.
I-NFP yaba yindlovukazi yezepolitiki ngo-2011 ngesikhathi ibambisana ne-ANC, yehlisa i-IFP yaba iqembu elibusa komasipala ababili kuphela e-KZN.
UNobhala Jikelele we-NFP, uMnu Canaan Mdletshe uthe ingqungquthela yokukhetha ubuholi baleli qembu izoba ngasekupheleni kwalo nyaka.
Isithombe esingenhla: IPhosta ekhombisa umkhankaso kaGugu Gumede wokuba nguMengameli we-NFP
Umthombo wesithombe: I-Facebook