Kulindeleke ukushisa okunamandla eGoli

Everson Luhanga

Abesimo sezulu kuleli bakhiphe isexwayiso selanga elizoshisa edolobheni lonke laseGoli ngesonto elizayo.

Kuze kube impelasonto amazinga okushisa azophakama afike ku-30°C kanti ePitoli kuzoba u-38°C ngoLwesibili.

Okhulumela abezimo eziphuthumayo eGoli, uRobert Mulaudzi uthe lokhu kushisa kungadala izifo eziningi ezahlukene zenhliziyo.

I-South African Weather Service ithe iGoli lizofinyelela ku-36°C ngoLwesibili kanti i-Vereeniging yona izofinyelela ku-36°C.

Isimo sezulu esishisayo, esomile nesinomoya siphinde siveze ubungozi bomlilo wequbula futhi abantu abakugweme ukulahla izinqamu zikagwayi ezivuthayo otshanini obomile noma bashiye imililo evulekile ingagadiwe.

Abezimo eziphuthumayo eGoli banxuse izakhamuzi ukuthi zilandele eminye yemigomo elandelayo:

• Hlala ungaphakathi endlini noma nini uma kungenzeka.

• Vikela izingane ezincane ngokuqinisekisa ukuthi zigqoke nokunye okuvikela ilanga

• Gwema ukukhanya kwelanga, ikakhulukazi phakathi kwehora leshumi nanye kanye nehora lesithathu ntambama.

• Zipholise kuma-swimming pool kaMasipala wangakini kanye nabaqaphi abagadile ukuze ugweme izigameko zokuminza

• Phuza amanzi amaningi ukuze uvimbele ukuphelelwa amanzi emzimbeni

• Thatha ikhefu njalo uma usebenza ngaphandle

• Gwema iziphuzo ezidakayo, ezine-caffeine noma ezine-carbonated

• Gqoka izingubo ezikhanyayo ezinombala ogqamile

Izihloko zakamuva