Kulindeleke ukuba zigcwale izinkundla zemidlalo njengoba kuqala I-Premier Legue ngaphansi kwemigomo eqinile

Dylan Bettencourt

Izinkundla zemidlalo zizogcwala okokuqala selokhu kwafika ukhuvethe. Lokhu kuzokwenzeka njengoba kuqala imidlalo ye-Premier League (ELP) kulempelasonto.

Abantu abazoza kwizinkundla zemidlalo bazohlolelwa ukhuvethe kuqala, bese kuthi ababheka amathikithi bazofuna ubufakazi kubantu obuveza ukuthi usuwutholile umjovo wokuvikela ukhuvethe noma into eshoyo ukuthi awunalo ukhuvethe. 

I-EPL ikhiphe isistatimende esithi noma ngabe izinkundla zemidlalo zizovulwa, kodwa uHulumeni uthe ukhuvethe lusekude ukuphela. Kungenzeka izinqumo abazithathile zibuye zishintshe ngokukhulu ukushesha.

Abalandeli abazoza ezinkundleni zemidlalo bayacelwa ukuba balandele imigomo ebekiwe yokulwisana nokhuvethe. Kule migomo kubalwa ukugqoka isifonyo ngaphakathi futhi bazame ukungathintani nabantu.

UNdunankulu wase-British uBoris Johnson ususe yonke imigomo nemibandela ebibekiwe yokulwa nokhuvethe e-England mhla zingama-19 kuNtulikazi. Bayizigidi ezingama-70 asebejovile ngokusho kwe i-NHS.

I-Premier League yakulonyaka neyonyaka ozayo iyaqala ngoLwesihlanu. Kuzoqala umdlalo we-Arsenal idlala ne-Brentford ngo-9.

Umthombo wezithombe: @iNews

Izihloko zakamuva