Kulindeleke ukuba kushube kwiSona yalo nyaka 

Lubhalwe nguLungani Zungu

Inkundla isimi ngomumo njengoba uMengameli Cyril Ramaphosa ezokwethula inkulumo ebhekiswe kwisizwe (Sona), okubhekwe ukuthi ifake izinkinga zobubha, inkohlakalo edla lubi kanye nenkinga kagesi.

USomlomo wePhalamende likaZwelonke uNosiviwe Mapisa-Nqakula uthe ezokuphepha zizobe ziqinile ngaphakathi nangaphandle kwehholo elibizwa-City Hall eKapa nangaphambi kweSona ngoLwesine.

Lona unyaka wesibili i-Sona ibanjelwe ngaphandle kwePhalamende ngenxa yomlilo owashisa ibhilidi ebeselinomlando ngoMasingana ngo-2022.

“Sizobe siqaphile kukho konke ngisho nokuphazamiseka okungenzeka. Umsebenzi wethu ukuqinisekisa ukuthi iSona iba impumelelo,” kusho u-Amos Masondo, uSihlalo woMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe.

Amanye amaqembu okuhlanganisa i-EFF ne-African Transformation Movement asabise ngokuphazamisa inkulumo kaMengameli. 

I-National Freedom Party isiphakamise ukuthi uRamaphosa esule esikhundleni ngaphambi kokuthi ayokhuluma nesizwe, imsola ngokwehluleka ukukhipha abantu bakuleli kwindlala. 

UMapisa-Nqakula uthe balindele izihambeli ezingu-263 okuhlanganisa nowayenguMengameli uThabo Mbeki, owayenguSomlomo uBaleka Mbete, umphathi wamaJaji uRaymond Zondo kanye nePhini leJaji uMandisa Maya.

Lokhu kuhlangana kuzoba okokuqala bukhoma kusukela ngo-2020 ngaphambi kokuthi i-Covid-19 iphoqe ukuthi bahlangane nge-Inthanethi online

Ngemuva kokuthatha izintambo ngo-2018 kulandela ukuphuma kowayenguMengameli uJacob Zuma, uRamaphosa wafunga ukuthi uzoyiqeda inkohlakalo ekhona, aqinisekise ukuthi u-Eskom uyazilungisa izinkinga zawo, adale namathuba emisebenzi adingeka kakhulu.

Eminyakeni eyisithupha kamuva, izwe libhekene nokucishwa kukagesi kwesigaba sesithupha futhi ukuntuleka kwemisebenzi kukhuphukela ngerekhodi eliphezulu laba u-35.3% ngekota yesine yongo-2021.

Lokhu kwehle kwaya ku-32.9% ngo-2022, lesi sibalo sihlanganisa nabathweswe iziqu abangasebenzi.

Njengenjwayelo umholi we-DA uJohn Steenhuisen ubambe lokho akubize ngenkulumo yesizwe sangempela”, ngoLwesibili ngaphambi kweSona esemthethweni.

Ngesikhathi ethula inkulumo yakhe uSteenhuisen unxuse abantu bakuleli ukuthi bavotele i-ANC ukuthi iphume emandleni okhethweni lukazwelonke oluzayo.

Osesithombeni esingenhla: uMengameli Cyril Ramaphosa

Umthombo wesithombe: @MYANC

Izihloko zakamuva