Izangoma zezulu eMelila zixwayise ngokuthi iziphepho zakamuva zingase zenze ukuthi kubande kakhulu kulo Khisimusi okudlula bonke abake bagujwa eminyakeni engamashumi amane edlule.
Izazi zesimo sezulu zaseMelika zibikezele ukuthi isiphepho u-Elliot sizoba isishingishane esinzima ngoLwesihlanu.
Amazinga okushisa ehle kakhulu ezifundazweni ezimbalwa zaseMelika, okubalwa kuzo i-Texas, i-Kansas ne-Missouri.
E-Colorado amazinga okushisa ehle afinyelela ezingeni elirekhodiwe elingu-9F lisuka ku-42F. Ngaleso sikhathi amazinga okushisa e-Wyoming ehle afinyelela ku-35F.
Eselulekweni esabiwe ku-Twitter, i-National Weather Service (NWS) ithe abantu baseMelika kufanele bazilungiselele amakhaza azayo njengoba kulindeleke ukuthi amazinga okushisa ehle aye ku-50 °C no-70 °C ekupheleni kwesonto kwezinye izingxenye zezwe.
“Amakhaza angaka angabangela isithwathwa esikhathini esingaphansi kwemizuzu emihlanu uma izinyathelo zokuphepha zingathathwa.”
“I-hypothermia nokushona kwabantu kungenzeka ngenxa yokuhlala isikhathi eside emakhazeni,” kusho iseluleko.
I-NWS ikubize ngokuthi isiphepho sasebusika esake senzeka eminyakeni engaba ngu-40 kanti kulindelwe ukuthi isiphepho sifinyelele esifundeni sase-Great Lakes. Kulindeleke ukuthi ingcindezi ifinyelele ezingeni elilingana nesigaba sesithathu seSiphepho.
Izimo ezikhithikayo kanye nemigwaqo ebandayo kulindeleke ukuthi kudale isiphithiphithi kwezokuthutha kule mpelasonto.
Ngokwemininingwane ye-FlightAware, zingaphezu kuka-2000 izindiza ezihoxisiwe ezweni ngenxa yalesi siphepho.
Luhlanganiswe nguMashudu Mabila
Isithombe ngenhla: Isibikezelo Seqhwa
Umthombo Wesithombe: BBC News