Lubhalwe nguRorisang Modiba
Ukushintsha kwesimo sezulu kungaletha iqhwa e-Gauteng nasezifundazweni ezizungezile kusukela ngoMsombuluko ngomhlaka-9 kuNhlangulana.
Amaqembu abezimo eziphuthumayo eGoli aqaphe ngeso lokhozi njengoba izikhulu zixwayisa ngamakhaza nemigwaqo eyingozi.
Njengoba amakhaza eshubisa umnkantsha eNingizimu Afrika yonke, izakhamuzi zaseGoli zingabona iqhwa ngesonto elizayo.
ISouth African Weather Service ithe i-cut-low system iyakhula futhi izohlasela izwe ekuqaleni kwesonto elizayo. Kulindeleke ukuthi kubande kuphinde kube neqhwa ezingxenyeni ezithile ze-Gauteng kusukela ngoMsombuluko ngomhlaka-9 kuNhlangulana.
“Zonke izifundazwe zizobhekana nokwehla kwamazinga okushisa,” kusho abesimo sezulu, “ngaphandle kwaseLimpopo.”
Amazinga okushisa azowela kuma-digits, futhi ezinye izindawo zingase zibande kakhulu kunokulindelekile. Isimo sezulu esishubile singaholela ekutheni imigwaqo ishibilike futhi kuphazamiseke kakhulu izimoto.
Lesi sexwayiso siqhamuka njengoba izinkulungwane zabasubathi zizobe zibhekisa amabombo kuComrades Marathon kule mpelasonto, nokwenyusa uvalo lokuthi kungase kube nezinkinga zomgwaqo.
Abe-Emergency Management Services base-Johannesburg babeke amaqembu aqaphile. Banxusa abantu ukuthi bahlale bephephile ikakhulukazi uma besebenzisa ama-heater nezinye izinto ezisetshenziswayo ukuze bahlale befudumele. Imililo eminingi nezingozi zenzeka njalo ebusika ngenxa yokusetshenziswa kwale mishini.
Abantu abahlela ukuhamba bayelulekwa ukuthi bagqoke ngokufudumele futhi bapakishe izinto eziphuthumayo ezifana nokudla, amanzi nezingubo zokulala, ikakhulukazi uma beya ezindaweni lapho iqhwa livame kakhulu khona.
Iqhwa e-Gauteng liyivelakancane kakhulu. Ukuwa kweqhwa okukhulu kokugcina eGoli kwenzeka ngoNcwaba ka-2012 futhi kwathatha amahora ambalwa.
Esithombeni esingenhla: Iqhwa eGoli.
Umthombo wesithombe: Ifayela