Lubhalwe nguRorisang Modiba
EPitoli naseGoli kuzoba nezihlambi zasekuseni kanye nokuduma kwezulu, kuphele ngokuhamba kwesikhathi, kanti umswakama wehla usuka ku-65% ekuseni uye ku-45% kusihlwa.
AbeJoburg Emergency Services baqaphe ngeso lokhozi, bexwayisa abashayeli ukuthi baqaphele kanye nezakhamuzi ezisezindaweni ezihlaselwa yizikhukhula ukuthi zigweme ukuwela imifudlana.
Izakhamizi zaseGauteng zingalindela impelasonto ehambisana nezihlambi zemvula nokuduma kwezulu.
ISouth African Weather Service ithe imvula izona ngoMgqibelo nangeSonto, kodwa amazinga okushisa azohlala efudumele.
EPitoli, imvula nokuduma kwezulu kulindeleke ngoMgqibelo ekuseni ngaphambi kokuthi liguquguquke kancane emini. Umswakamo uzoqala cishe ngo-65% ekuseni futhi wehle ufike ku-45% kusihlwa.
IGoli lizoba nezimo ezifanayo nemvula yasekuseni nokuduma kwezulu, okulandelwa yisimo sezulu esiguqubele.
AbeJoburg Emergency Services bathe baqaphe kakhulu futhi bakulungele ukusiza uma kuvela izikhukhula noma izingozi.
Okhulumela uMnyango uRobert Mulaudzi uxwayise abashayeli ukuthi baqaphele kakhulu emigwaqeni emanzi. Uphinde watshela izakhamuzi ezisezindaweni ezikhahlamezekile yizikhukhula ukuthi zingaweli imifudlana uma kunemvula enamandla.
Ezinye izingxenye zezwe nazo zizoba nesibhakabhaka esiguqubele esinezihlambi ezihambisana kanye nokuduma kwezulu, ikakhulukazi ezindaweni ezimaphakathi nezisempumalanga. Iziphepho ezinamandla zingenzeka esifundazweni iNorth West.
Khonamanjalo, eWestern Cape, omasipala abathathu, iMatzikama, iCederberg kanye neBergriver, baxwayiswe ngengozi enkulu yomlilo kule mpelasonto.
Isithombe esingenhla: IGoli lilungiselela isimo sezulu esinemvula kule mpelasonto.
Umthombo wesithombe: Ifayela
