Kulindeleke imidlalo ethokozisayo kweyomkhumulajezi kweye-Afcon

Lubhalwe nguMichael Madyira

Kulindeleke ukuthi kube nemidlalo emikhulu emqhudelwaneni we-Africa Cup of Nations (Afcon) esigabeni somkhumulajezi ngemuva kokuphothulwa kwesigaba samaqoqo.

Ngemuva kokushaywa i-Equatorial Guinea ngo 4-0 emdlalweni wokugcina ka-Group A, osokhaya i-Ivory Coast kudingeke ukuthi balinde besovalweni ukuze babone ukuthi bazongena yini kweyomkhumulajezi njengelinye lamaqembu aqede endaweni yesithathu.

Bakwazile ukudlulela esigabeni somkhumulajezi ngesikhathi abalandeli bethukuthele begane unwabu nohulumeni ofake imali eningi ukuze kuhlelwe lo mqhudelwano.

Njengoba bebecabanga ukuthi sebephunyukile, sebezotholana phezulu ne-Senegal evikela isicoco.

I-Teranga Lions yilona kuphela iqembu elithokozele irekhodi eliphelele ku-Afcon ngemuva kokunqoba yonke imidlalo ku-Group C.

Kuwumdlalo onzima okungenzeka ukuthi osokhaya bebengakaze bawulindele njengoba manje sebeholwa u-Emerse Fae ngemuva kokuxoshwa kukaJean-Louis Gasset ngemuva kokuthi iqembu lihlulwe i-Equatorial Guinea.

Omunye umdlalo ongase uthokozise kakhulu ngozobe uphakathi komakhelwane baseNtshonalanga Afrika, i-Nigeria ne-Cameroon.

Womabili la maqembu abekezelele umkhankaso onzima, ikakhulukazi i-Cameroon ebingathembisi.

Isigaba somkhumulajezi sinikeza ama-Super Eagles nama-Indomitable Lions elinye ithuba lokuthi badumaze abagxeki babo.

IBafana Bafana izobhekana ne-Morocco komunye umdlalo othokozisayo kanti umqeqeshi wakuleli uHugo Broos ukholelwa ekutheni iqembu lingafinyelela kowamanqamu.

“Ngijabule kakhulu ngokungena emzuliswaneni olandelayo,” kusho uBroos ecashunwa i-iDiskiTimes ye-Safa.

“Sihlose ukungena kowamanqamu. Sineqembu elihle futhi ngiyazethemba kakhulu. Inhloso yethu yokuqala bekuwukudlula esigabeni samaqoqo, yize besingekho eqoqweni elilula ne-Tunisia kanye ne-Mali.”

IBafana izobe inethemba lokusebenzisa ithuba lokuthi umqeqeshi we-Morocco uWalid Regragui akakwazi ukuhlala ebhentshini njengoba edonsa isigwebo sokuvinjelwa emidlalweni emibili.

Omakhelwane be-Cosafa, i-Angola ne-Namibia bazotholana phezulu komunye umdlalo esigabeni somkhumulajezi kanti i-Mauritania izobhekana ne-Cape Verde.

Umdlalo ozobe uphakathi kwe-Mali ne-Burkina Faso uthembisa ukuthi uzobe uthokokozisa njengomdlalo ozobe uphakathi kwe-Egypt ne-DR Congo kanti i-Equatorial Guinea kufanele ikhathazeke nge-Guinea.

Esithombeni esingenhla: Abadlali be-Senegal bebungaza ukuhlula i-Guinea.

Umthombo wesithombe: CAF

Izihloko zakamuva