Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Umsolwa ulimele ngesikhathi bedubulana namaphoyisa emgwaqeni uGovan Mbeki, eKapa.
Lesi sigameko senzeke ngeSonto ebusuku ngesikhathi amaphoyisa ezama ukumisa imoto ehlobene nesigameko sakamuva sokugetshengwa kwebhizinisi.
Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eWestern Cape uSergeant Wesley Twigg uthe: “Amaphoyisa abone imoto yabasolwa, azama ukuyimisa. Abasolwa badubule amaphoyisa bezama ukubaleka.”
Uthe kuboshwe abantu ababili, umsolwa oyedwa olimele ngesikhathi kudutshulwana, ugadwe esibhedlela amaphoyisa.
Abasolwa babhekene necala lokuzama ukubulala kanye nelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanti bazovela eNkantolo yeMantshi yase-Athlone uma sebethweswe amacala.
Isakhamuzi, esingathandanga ukudalulwa, sithe: “Abasolwa bebezama ukubaleka ngesikhathi bebona amaphoyisa. Amaphoyisa azamile ukubacela ukuthi bame bavele baqala ukudubula.”
Omunye wendawo, uMnuz Mzwandile Mzameni, uncome amaphoyisa ngezenzo zawo zakamuva zokulwa nobugebengu.
“Kusukela ngenyanga edlule, i-SAPS nezinye izinhlaka zomthetho zenza umsebenzi omuhle kakhulu. Angizidabukela izigebengu, futhi i-SAPS kufanele iqhubeke nomsebenzi wayo.”
Esithombe ngenhla: Amaphoyisa.
Umthombo: Ifayela