U-Inaki Williams ubebonakale kuyo yonke imidlalo ye-La Liga Santander kusukela ngoNcwaba ngo-2016 ehlanganisa irekhodi lokuvela kwiligi izikhathi ezingu-251 zilandelana.
Nokho ngeSonto lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala uphoqeleke ukuthi aphuthelwe ukuba neqembu lakhe i-Athletic Bilbao ehlulwe ngegoli elilodwa eqandeni ibhekene ne-Celta Vigo ngenxa yokulimala.
UWilliams uphoqeleke ukuthi aphume enkundleni ngenxa yokulimala emdlalweni okuholele ekutheni banqobe ngamagoli amathathu kwelilodwa behlula i-Valencia ngoLwesine olwedlule okudale ukukhathazeka ngokuthi irekhodi lakhe lingase liphele.
Futhi ngeSonto iqembu lase-Spain liqinisekise ukuthi uWilliams uzophuthelwa umdlalo okokuqala esikhathini eside kakhulu, empeleni uma ngingacacisa ezinsukwini ezingu-2,468.
“UWilliams ubengakaze aphuthelwe umdlalo kusukela ngomhlaka-20 kuMbasa ngonyaka ka-2016. NgeSonto akakwazanga ukudlala ne-Celta ngenxa yokungalulami kwemisipha yakhe,” kusho iqembu ku-Twitter.
UWilliams ukhethe ukumela i-Spain ekuqaleni kwesizini yakhe, kodwa wahluleka ukungena esigabeni sompetha beNdebe yoMhlaba ye-Fifa ka-2010.
Lo mgadli wathatha isinqumo sokushintsha waya e-Ghana, okuyilapho abazali bakhe bobabili abazalelwa khona ngaphambi kweNdebe Yomhlaba wonke ka-2022 e-Qatar.
UWilliams uyiqale yomithathu imidlalo yamaqoqo e-Ghana ngaphambi kokuthi ekhishwe kulo mqhudelwano.
Kodwa manje irekhodi lakhe elihle libukeka selifinyelele esiphethweni yize kulindeleke ukuthi lihlale linjalo iminyaka ezayo.
Iminyaka eyisithupha ngaphandle kokulahlekelwa nowodwa umdlalo weligi eqenjini elifanayo, ingasaphathwa eyeqembu elimangalisayo uWilliams kumele aziqhenye ngokungaguquguquki kwakhe.
Njengoba izinto ezinhle zivame ukufika esiphethweni kulindeleke ukuthi uWilliams angashintshi njengoba ayehlale enza uma eseluleme.
Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt
Isithombe esingenhla: U-Inaki Williams
Umthombo wesithombe: Athletic Club