Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Kuboshwe ozama zama abayisikhombisa, abayisithupha kubo balimala baphuthunyiswa ezikhungweni zokwelapha ezahlukene emva kokudubulana namaphoyisa eKurhuleni ngoLwesibili.
Okhulumela amaphoyisa kamasipala wase-Ekurhuleni, uKelebogile Thepa uthe la maphoyisa ahlangatshezwe imvula yezinhlamvu ngesikhathi efika lapho obekusebenza khona ozama zama.
Amaphoyisa aphindisele ngenhlamvu kwalimala abanye ozama zama abagcine sebeboshwa.
“Amaphoyisa ophiko lwe-EMPD ngokubambisana nophiko lwezimayini lakwa-SAPS baqhube umkhankaso endaweni yase-Primrose kanye nase-Germiston belwisana nabavukuza ezimayini ngokungemthetho.
“Abomthetho badlulele endaweni edayisa izinsimbi esekhoneni lomgwaqo uMain Reef noJohann Rissik. Ngesikhathi befika lapho abasolwa babone amaphoyisa base bevulela ngenhlamvu,” kusho uThepa.
Uthe amaphoyisa alimaze abasolwa abayisithupha, abaphuca izikhali ase ebopha umlisa oyedwa obezama ukubaleka endaweni yesigameko.
“Abasolwa abaneminyaka ephakathi kuka-27 no-33 ubudala baphuthunyiswe esibhedlela esiseduze ukuze bathole usizo lwezempilo,” kusho uThepa.
Uthe phakathi kwezikhali ezitholakele kubalwa isibhamu esiyi-double barrel, i-12 gauge shotgun, i-silver 9mm Luger ne-.38 Special, i-Taurus 9mm emnyama enezinombolo ezahlukene kanye nezinhlamvu eziningi ezingadalulwanga isibalo sazo.
Bonke abasolwa abayisikhombisa babhekene namacala okutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni, izinhlamvu kanye nokuzama ukubulala.
Kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yase-Germiston maduze.
Esithombeni esingenhla: Abanye ozama zama ababoshiwe e-Primrose eduze kwase-Germiston, Ekurhuleni.
Umthombo wesithombe: Ekurhuleni Metro Police Department (EMPD)