Kulimale nezikole eKZN ngenxa yezikhukhula

Dylan Bettencourt

Izikhukhula KwaZulu-Natal zicekele phansi izikole ezingu-248 kanti amagalaji kaphethiloli kuso sonke isifunda asengcupheni yokuphelelwa uphethiloli nodizili.

Lezi zikhukhula zidlule nempilo yabantu abangu-306.

UMnyango wezeMfundo esifundazweni ukuqinisekisile ukuthi zonke izikole zivaliwe njengoba kukhahlamezeke izikole ezingu-248 esifundazweni.

Izikole eziningi ezikhahlamezekile ziseThekwini.

UMnyango ukuqinisekisile ukuthi izikole ezithintekile zizohlala zivaliwe kuze kube uLwesibili ngomhlaka-19 kuMbasa

“Kwezinye izindawo kuyingozi enkulu ukufinyelela ezikoleni. Abafundi nothisha bayaphoqeleka ukuthi bawele izinga eliphezulu lemifula.

“Ngakho-ke sinqume ukuvala okwesikhashana zonke izikole ezithintekile kuze kube uLwesibili ngomhlaka-19 kuMbasa ngonyaka ka-2022 njengoba sisaqhubeka nokuqapha isimo esifundazweni sonke,” kusho uMnyango esitatimendeni.

NgoLwesine kubizwe umhlangano ophuthumayo lapho kuzodingidwa khona ukuthi kungenzeka yini ukuthi abafundi babuyele ekufundeni nge-Inthanethi. 

UNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uMnu Kwazi Mshengu uvakashele izikole ezithintekile ngoLwesine edolobheni laseMgungundlovu.

Iziteshi zikaphethiloli kuso sonke isifundazwe kudingeke ukuthi zethule imikhawulo kumakhasimende njengoba zibhekene nenkinga yokushoda kukaphethiloli ezinsukwini ezizayo.

Iziteshi zikaphethiloli eziningi zinodizili kuphela noma zinophethiloli okalekile ikhasimende ngalinye emzamweni wokuvikela inani likaphethiloli okhona.

Ngesikhathi kuqhubeka imizamo yokulungisa abesimo sezulu eNingizimu Afrika (i-SAWS) baveze ukuthi imvula enamandla kulindeleke ukuthi ibuye ngoLwesihlanu.

Kuphinde kwavela ukuthi e-KZN  kusalindeleke ezinye izikhukhula kuso sonke isifundazwe.

“NgoLwesihlanu ngosuku lwePhasika kulindeleke ukuthi sishube isimo sezulu okuzoholela emvuleni enkulu ehambisana nesiphepho kanye nokuduma kwezulu endaweni enkulu.

“Ngakho-ke i-North West, i-Free State, i-Eastern Cape kanye neKwaZulu-Natali kungenzeka zibhekane nokubuya kokuduma kwezulu kanye nobungozi bezikhukhula ezindaweni noma isichotho kanye nomoya onamandla oyingozi,” kusho isitatimende se-SAWS.

Kusukela ngoLwesithathu ebusuku bangu-18 abafundi kanye nothisha oyedwa abalahlekelwe izimpilo zabo kulezi zikhukhula.

Esitatimendeni sangoLwesine iMeya yeTheku uMnu uMxolisi Kaunda uthe umonakalo ulinganiselwa ku-R757 million esifundazweni njengoba imboni yezokukhiqiza nezokungcebeleka ithinteka kakhulu.

Umthombo wesithombe: @IOL

Scrolla World Cup Quiz