Kulimale inqwaba kushayisana amabhasi eGoli

Esehlakalweni esenzeke ngesikhathi kunesiminyaminya sezimoto e-Auckland Park ngaseNyuvesi yaseGoli, kushayisane amabhasi amabili ngoLwesibili ekuseni kwalimala abantu abacishe babalelwe ku-80.

Azikho izidumbu ezibikiwe, kodwa abantu abangu-77 bathole imihuzuko emincane kakhulu.

Abezimo eziphuthumayo, okuhlanganisa abosizo lokuqala kanye noMnyango Wezomlilo eGoli basebenze ngokuzikhandla ukutakula nokusimamisa abalimele ngaphambi kokuba babahambise esibhedlela ukuze bathole ukunakekelwa okwengeziwe.

Ingozi yenzeke ngesikhathi elinye lala mabhasi lishayisa uthango lukasimende, lagamanxa ohlangothini lwalo.

Elinye ibhasi ligweme ngokulambisa ukushayisa isiteshi esiseduze i-Rea Vaya Station.

Imbangela yokushayisana ayikaziwa okwamanje kanti iziphathimandla ziphenya ngalesi sigameko.

Ngesikhathi abezimo eziphuthumayo befika endaweni yesigameko, basebenzise izindlawu ukuze bakhiphe abanye abagibeli abalimele.

Lo mgwaqo ubuvaliwe ngenxa yezimoto ngesikhathi kuqhubeka ukutakulwa kwabantu, nokuhehe abantu abebebukele izingcezu zezingilazi ezihlakazekile emgwaqeni okungokunye kwemiphumela engemihle yalesi sigameko.

Esithombeni esingenhla: lngozi yamabhasi

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva