Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Abesilisa ababili bayelashwa esibhedlela ngemuva kokusha kanzima ngesikhathi kuqhuma i-transformer kade bexhuma izinyoka.
Laba balisa okugodlwe amagama abo, kuthiwa bebezama ukuxhuma izinyokanyoka ngokungemthetho ngesikhathi kuqhuma i-transformer.
USanele Mdluli, umalume womunye wabashiswe ukuqhuma kwe-transformer ngoMgqibelo mhlaka-20 kuMasingana e-Denver, eGoli utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umshana wakhe “akabukeki kahle” futhi uthandazela ukuba alulame.
USanele owasinda emlilweni wase-Marshalltown owabulala abantu abangu-77 ngoNcwaba nyakenye, uthe ubeziphumulele emjondolo wakhe ngesikhathi ezwa abantu bembiza bethi akazobona umshana wakhe.
“Ngithe uma ngimbheka ngacabanga ukuthi ngeke asinde. Kodwa ngomusa kaNkulunkulu yafika i-ambulensi waphuthunyiswa esibhedlela,” kusho uSanele.
“Ngeke ngikutshele ukuthi kwenzekeni ngaphakathi kulelo gumbi le-transformer. Ngimbone nje esesizwa ukuthi ahambe aze afike lapho ebesilinde khona i-ambulensi ukuthi imlande.
Isakhamuzi esihlala ezindlini zezimo eziphuthumayo e-Denver ezakhelwe abasinde enhlekeleleni yase-Marshalltown, sithe ngesikhathi sizwa lokhu kuqhuma besicabanga ukuthi ngozomazama abamba igolide.
“I-transformer iqhume kakhulu cishe imizuzu emihlanu,” kusho isakhamuzi esingathandanga kudalulwe igama laso.
Uthe izakhamuzi zase-Denver beziwujwayele umsindo wokuqhuma njengoba ozamazama benza umsebenzi wabo wansuku zonke.
“Sijabule nje ukuthi akekho oshonile yize laba balisa belimele kanzima. Siyethemba ukuthi bazolulama,” esho.
Amaphoyisa ase-Gauteng awakwazanga ukuphawula ngalokhu kuqhuma njengoba singekho isigameko esibikiwe esiteshini samaphoyisa esiseduze sase-Cleveland.
Esithombeni esingenhla: Omunye wabesilisa oshe kabi ngemuva kwezinsolo zokuxhuma ngokungemthetho kwi-transformer kagesi e-Denver ngoMgqibelo ntambama.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe