Lubhalwe nguDalphine Tagwireyi
Kubhodloke igumbi lokufundela esikoleni sase-Kwekwe, okuyisifundazwe sase-Midlands e-Zimbabwe ngoLwesine.
Lokhu kubhodloka kuholele ekulimaleni kwabafundi abangu-17 basesikoleni samabanga aphansi i-Globe and Phoenix.
Abazali babafundi abalimele bakhale ngokumba okungekho emthethweni ngaphansi kwamagceke esikole, bathi kubeka impilo yezingane zabo engcupheni.
I-Kwekwe inezindawo eziningi okugujwa kuzo igolide futhi isihehe abavukuzi abaningi abasakhula abasasebenza ngokungekho emthethweni futhi lokhu sekudale ukucekelwa phansi kwengqalasizinda edolobheni.
Umzali, uDuduzile Banda okhulume ne-Scrolla.Africa uthe uthole ucingo oluthi indodana yakhe eneminyaka eyishumi ubudala iphuthunyiswe esibhedlela sase-Kwekwe.
“Ngiyabonga ukuthi uthole imihuzukwana futhi akekho nomfundi oshonile,” kusho umzali.
“Lesi sikole besingaphansi kwenkampani yezimayini eyathutha njengoba kungekho osibhekelelayo njengamanje. Ngakho-ke, ngiphakamisa ukuthi isikole sinikezwe uhulumeni ukuze kuthuthukiswe izinga lesikole,” kwengeza umzali.
Lesi sikole sakhiwe imayini yegolide i-Globe and Phoenix ukuze sibhekelele izingane zabasebenzi babo futhi sibhaliswe ngaphansi koMnyango wezeMfundo, kodwa siphethwe ngasese. Singaphansi kwesigungu esilawula isikole nabazali njengabaphathi.
Omunye umzali, uYeukai Moyo uthe sekuphele unyaka bekhala ngokungaphephi kwesikole futhi bahlezi benovalo ngokwenzeka khona.
UThishomkhulu wesikole u-Isaac Bvupajena uthe akalali ebusuku ngenxa yezinsongo azithola kubavukuzi abangekho emthethweni.
“Sibhekene nesikhathi esinzima ngenxa yemisebenzi yokumba ngokungemthetho ngaphansi komhlaba futhi akusaphephile. Bamba yonke indawo bashiya imigodi eminingi esikoleni futhi sonke sisengozini enkulu njengoba kungenzeka noma yini kithi noma nini.”
Umxhumanisi wokuthuthukiswa kwesifunda e-Kwekwe, uFortune Mupungu uthe zonke izinto ezenziwa esikoleni simile kanti nesikole sivaliwe.
“Laba bavukuzi abawugqizi qakala umthelela wemisebenzi yabo kwingqalasizinda ngoba abakwenzayo kuzogcina kudale ukushona kwabantu abaningi. Akekho ophephile e-Kwekwe, kumele sithathe izinyathelo eziphuthumayo.”
Ummeli we-Kwekwe, uJuli Moyo ufisele ukwelulama okuhle kubafundi abalimele wathi bazofuna ezinye izindlela eziphephile ukuze abantwana bakwazi ukuqhubeka nokufunda.
“Siyazigxeka izenzo zabavukuzi abangekho emthethweni futhi sishaqekile njengohulumeni, kodwa sibonga ukuthi abekho abafundi abashonile.”
Esithombeni esingenhla: Igumbi lebanga lesithathu elibhodlokile e-Kwekwe, kwalimala abafundi abangu-17.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe