Lubhalwe intatheli ye-Scrolla
UDonald Trump ube nguMengameli wokuqala waseMelika emlandweni ukubhekana namacala obugebengu.
I-New York Times ibike ngoLwesine ukuthi uTrump uzobhekana namacala ahlobene nenkokhelo yemali eyanikwa iyengandonda uStormy Daniels emkhankasweni wakhe wokuba nguMengameli okhethweni lwango-2016.
Ngaphansi komthetho waseMelika isinqumo sokuthi uzoshushiswa yini noma cha sithathwa i-Grand Jury kanti kulokhu icala lise-Manhattan.
UTrump uphendule engosini yakhe yezokuxhumana i-Truth Social ngokubiza lezi zigameko ngokuthi “i-nuclear”. Utshele abantu ukuthi “baguqe bathandaze.”
Akukhona nje kuphela ukuthi uTrump ubenguMengameli ngo-2017 kwaze kwaba ngu-2021 – uyilungu le-Republican Party elihamba phambili okhethweni lwangonyaka ozayo.
Icala lizomenyezelwa ezinsukwini ezizayo lapho uTrump okuzomele azinikele, aginqiswe izithupha, athwetshulwe bese eyaboshwa.
Uphenyo mayelana nokukhokhelwa kukaDaniels imali eshisiwe seluthathe iminyaka emihlanu.
Emasontweni ambalwa ngaphambi kokhetho lwango-2016 owayengummeli kaTrump ngaleso sikhathi uMichael Cohen wakhokhela uDaniels u-$130,000 ukuze amvale umlomo ekudaluleni ukuthi wake wathandana noTrump eminyakeni eyishumi edlule.
Lokhu bekuzophazamisa amathuba akhe okhethweni futhi uCohen waboshelwa ukwephula imithetho yokhetho.
Lezi zindaba kungenzeka ziholele entukuthelweni phakathi kwabasekeli bakaTrump. UTrump ubize ummeli wesifunda sase-Manhattan u-Alvin Bragg ngomuntu omnyama, “isilwane” kanye “nodoti”.
Amacala uTrump azobhekana nawo athathwa njengabucayi kakhulu ophenyweni lwakhe oluhlukene lokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho, ukugxambukela okhethweni, ukweba imibhalo kahulumeni kanye nokugqugquzela ukuvukela umbuso ukuze kuvinjwe ukunikezelwa kwamandla komlandelayo kulesi sikhundla uJoe Biden.
Kuthathe isikhathi eside ukufika lapha, kodwa manje kubukeka sengathi indlela isiphendlekile.
Esithombeni esingenhla: UDonald Trump
Umthombo: Twitter